SIMPHIWE NGUBANE
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza usesigxekile isehlakalo sokubulawa ngesihluku kwamantombazane amabili andawonye eZondela, oLundi.
UNkk Khoza uthe ufuna amaphoyisa athungathe futhi abophe ngokushesha umsolwa owaziwayo.
Lesi sehlakalo usichaze njengesingenangqondo wathi siyadumaza futhi asichazeki.
Kubulawe ngesihluku u-Asimbonge Shongwe (12) noSandakahle Shongwe (7) ebebefunda uGrade 1 noGrade 6 eKing Mageba Primary, oLundi.
Kusolwa isoka likanina kaSandakahle elisagcwele amathafa ukuthi yilona elithumbe izingane lazishaya zaze zashona.
Kunezinsolo eziqinile zokuthi amantombazane abuye adlwengulwa.
UNkk Khoza uqale wadlulisa amazwi enduduzo ewabhekise emndenini, emphakathini, kanjalo nakothisha nakubafundi basesikoleni iKing Mageba Primary.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi kuyaqhubeka ukubulawa kwezingane ezincane ezingenacala okwenziwa ngababulali abangenanembeza esifundazweni sethu. Kuyashaqisa ukuthi umuntu omdala angahlasela izingane ezingakwazi ukuzivikela azibulale. Lo muntu akazange akuzwe nokukhala kwalezi zingane,’’ usho kanje.
Ube esegqugquzela amaphoyisa ukuba aqinise uphenyo lwawo ukuze abanjwe umsolwa.
Ukhuthaze amalungu omphakathi angaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuthi aludlulisele emaphoyiseni ulwazi analo ukuze kutholakale umsolwa.
UNkk Khoza uthe ukubulawa kwezingane ezingenacala ngenxa yengxabano esuke iphakathi kwabantu abadala akusona isixazululo.
Lo mnyango uphinde wajuba ithimba losonhlakalahle emndenini ukuze liyolekelela leluleke umndeni ngokwengqondo futhi liwusize ngokungase ukudinge.