KHETHA SANGWENI
UGWETSHIWE, walengiselwa wahlawuliswa imali owayengumholi we-Operation Dudula, uNtlantla Lux Mohlauli.
Ulahlwe amacala okugqekeza ngenhloso yokweba nelokucekela phansi impahla. ULux udume ngomkhankaso wokulwa nabokufika kuleli abangenazo izimvume nabasolwa ngokudayisa izidakamizwa.
Okhulumela iNPA, uNkk Phindi Mjonondwane, uthe uLux nequlu lakhe leDudula Movement batheleka endlini yomuntu ngoMashi 20, bethi bazobheka izidakamizwa eDobsonville.
Emuva kwalokho umnikazi wendawo wavula icala emaphoyiseni emuva kokuthi kusale kumapeketwane konakala nempahla yakhe ngesikhathi kugasela abeDudula.
INkantolo yeMantshi eRoodepoort, ilahle uLux ngamacala kwathi kwelokugqekeza wagwetshwa iminyaka emibili, yalengiselwa iminyaka emithathu ngombandela wokuthi angatholakali enecala elifanayo.
Inkantolo imgwebe iminyaka emihlanu ngecala lokucekela phansi impahla kodwa isigwebo salengiselwa iminyaka emithathu ngombandela wokuthi angaphinde atholakale ecaleni elifanayo.
ULux uyalelwe ukuthi akhokhele umgilwa uMnuz Victor Ramarafe, uR 9 500 wamademeshe ngoba wonakalelwa yimpahla yakhe.
Uyikhokhile imali kwase kulethwa nobufakazi enkantolo kubuka wonke umuntu nomgilwa wagculiseka ngalokho. UNkk Mjonondwane wezokushushisa uthe bayasemukea isigwebo futhi siwubufakazi bokuthi umthetho uyasebenza.