KUFE abantu abangu-11 ezigamekweni ezimbili ezehlukene KwaZulu-Natal ezenzeke eNanda naseMgungundlovu.
Esigamekweni sokuqala, okukholakala ukuthi senzeke ngoLwesibili ebusuku, kwaze kwezwakala ngaso ngoLwesithathu, kubulawe amalungu amahlanu omndeni owodwa eMgodini, e-Edendale, eMgungundlovu. Kuthiwa bobahlanu bahlahlelwe ngembazo.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda, ilungu lomndeni ebelivakashe ndawana thize, kuthe uma libuya, lazithela phezu kwezidumbu.
“Izidumbu azificile esikagogo (85), indodakazi yakhe (45), izingane zendodakazi ezintathu okukhona kuzo amawele (11) nenye (9),” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi bonke ababulewe bebenezingozi ezihlasimulisa umzimba emakhanda, kanti nembazo okukholakala ukuthi bahlahlelwe ngayo itholakale endaweni yesigameko.
“Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa anxusa noma ubani ongaba nolwazi olungalekelela ekuphenyweni kwaleli cala, noma ongaba nolwazi ngabasolwa ukuthi athinte amaphoyisa aseduzane noma ashayele inombolo yamaphoyisa ethi 08600 10111,” kusho uNetshiunda.
Kwesinye isigameko esenzeke entathakusa izolo, amaphoyisa athele othulini abasolwa abayisithupha eMachobeni eNanda ngesikhathi kuba khona ukudubulana phakathi kwawo nabo.
Kulesi sigameko kuboshwe abasolwa abathathu.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa athole umkhondo ngabasolwa ababhace kule ndawo ebebefunelwa amacala ehlukene.
UNaicker uthe phakathi kwawo kukhona awokubamba inkunzi, awokubulala, awokuphangwa kwezitolo nokudunwa kwezimoto.
“Umkhondo uholele amaphoyisa endlini eseMachobeni eNanda. Emva kokumemezela ukuthi asefikile, aphendulwe ngentululwane yezinhlamvu iqhamuka kubasolwa. Nawo abe esebuyisela ngayo inhlamvu,” kusho uNaicker.
Uthe emva kokutholakala kwezidumbu eziyisithupha, amaphoyisa athole abasolwa abathathu ebebephila okukhona kubona abesilisa ababili nowesifazane (31) oyedwa, ababopha.
“Kukhona iphoyisa elilodwa elihuhuluzwe yinhlamvu esandleni kanti endaweni yesigameko kutholwe izibhamu ezintathu, imoto eyayidunwe KwaDabeka ngoDisemba. Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze,” kusho uNaicker.
Ikhansela laseMachobeni, uMnuz Derrick Mngadi, lithe budlangile ubugebengu kule ndawo.
“Ubugebengu bokubanjwa kwabantu inkunzi ezindlini nasemgwaqweni budla lubi kule ndawo. Amalungu omphakathi aze aqhamuka nesu lokuthi kusungulwe i-neighbourhood watch okuyithimba eliqapha ubugebengu kule ndawo ngaleso sizathu,” kusho uMngadi.
Uqhube wathi bathatha noma yini abasuke bebona ukuthi bayayidinga. Abaye bakuthathe, imali, amaselula nokunye.
Ilungu le-neighbourhood watch yaseNanda, lithe ukudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa kuqale ngabo-11 ebusuku ngoLwesithathu.
“Abaningi bavuswe umsindo wokuqhuma kwezibhamu. Sinikele endaweni yesigameko, sathola ukuthi amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) abetholene phezulu nabasolwa, kwafa abayisithupha, abathathu baboshwa,” kusho ilungu.
Uthe indlu okwenzeke kuyo isehlakalo inamagumbi amabili kanti akucaci kahle ngomnikazi wayo.
Uthe okubashiya nemibuzo ukuthi bebehlala kanjani abantu abayisishiyagalolunye kuyo ibe incane.