UKUNGANAKI nokungasukumeli phezulu ubumqoka bokuba nomuntu oqeqeshelwe ukweluleka ngemali, ngesinye sezizathu ezinqala ezidala ukuthi kwande isibalo sabantu bakuleli zwe, ikakhulu abamnyama abangene shi enkingeni yezikweletu.
Lokho kushiwo wumqondisi wophiko lwezokucwaninga eBureau of Market Research, uSolwazi Carel van Aardt, ngesikhathi ekhuluma esigcawini sokucobelana ngolwazi lokuphatha nokonga imali ebesihlelwe yiMomentum Group, ebesiseFour Seasons Hotel, eGoli, ngoLwesihlanu.
USolwazi Van Aardt ubesethimbeni ebelibambisene neMomentum ukucwaninga ngezizathu ezenza ukuthi abantu bakuleli zwe babe manqika ukuthola abantu noma izinkampani eziqeqeshelwe ukwelulekana ngokuphatha, ukonga nokubeka imali.
Uthe kulolu cwaningo abalwenze nyakenye, balwenze kubantu bakuleli zwe abawu-1 600 abaphila impilo nje ejwayelekile nabawu-200 abaphila impilo ethathwa ngokuthi ngeyabadla izambane likapondo, okuyilapho bethole khona ububanzi benkinga yezezimali ebaxakile.
"Ocwaningweni lwethu sithole ukuthi abantu abaningi ababethembi abeluleki bezimali ngemali yabo, okunye kwalokho okudalwa wukwanda kwezigebengu eziqola abantu imali yabo. Okubi nokho wukuthi ngenxa yakho konke lokhu, u-77% wabantu bakuleli zwe bazama ngokwabo ukuhlela nokunquma ukuthi imali yabo bayisebenzisa kanjani, bese kuthi u-12% uthembela kubangani, emindenini yabo nakubantu osebenza nabo ukuthi ubasize kulokho. Bawu-9% kuphela abantu abazihluphayo ngolwazi lwalokho, okusekubi kakhulu ngoba yonke le nqwaba yabantu engazihluphi, ingena shi ezikweletini," usho kanje.
Isikhulu esiphezulu seConsult by Momentum, uMnuz Hannes van den Berg, sona sithe into edala ukuthi kube kubi kanjena wukuthi namanje ayikasukunyelwa indaba yokuthi izingane zifundiswe kusukela emazingeni aphansi ngobumqoka bokuphatha imali ngendlela efanele.
"Nanokuthi thina esiqeqeshelwe nesigunyazelwe ukwenza lo msebenzi sisanenselelo yokwenza ukuthi abantu bakithi bazi kabanzi ngomsebenzi esiwenzayo. Yingakho sandisa izigcawu ezinjena ngoba sifuna ukuqhubeka nevangeli lokuthi abantu bazi ukuthi ukuba nomeluleki wezezimali yinto engenambandela namigomo etheni. Kepha idinga ukuthi uyenze ngokushesha kusukela uqala ukusebenza noma uma nje usunendlela ongenisa imali ngayo ukuze wejwayele ukuhlela nokuphatha imali yakho ngendlela efanele," kusho yena.
USolwazi van Aardt uthe nakuba kusenzima kanje futhi usemkhulu umsebenzi okusadingeka ukuthi bawenze ukulungisa lesi simo kodwa kuyabejabulisa ukuthi bakhona abantu abaphumela obala, becelwa ukuchushiswa ngamasu okuphatha nokonga imali. Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi isimo sibe ngcono njengoba nabo bezimisele ukuqhubeka bafake lo moya ebantwini.
Isikhulu esiphezulu sophiko lwezokumaketha eMomentum Group, uNksz Nontokozo Madonsela, sithe banethemba lokuthi ukwandisa kwabo izigcawu ezinjena kuzosiza ukwesusa ulwembu olusathe mbo ebantwini. Uthe okumanje abantu kabangaqondi ubumqoka bokuba nomeluleki wezezimali, okuzosiza ukunqoba inkinga yabantu ababhajwe ezikweletini.
Ezinye izikhulumi ebezikhona kulo mbuthwano, wumholi weWealth Managament yaseMomentum, uNkk Therese Grobler, uNksz Mamelo Masote wophiko lwezokuxhumana eMomentum nomakadebona wezokuthula izinhlelo, obephethe uhlelo, uDan Moyane.