ABUSEHLI ubuthongo emndenini odukelwe yilungu lawo, okuthiwa sekuyophela amasonto amabili lingaziwa selokhu ligcinwe livakashele umngani ngobusuku obandulela uNcibijane.
Asive Mvunelo (24) waKwaDesai, eMariannhill, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo kuze kube yimanje, njengoba kuthiwa nomngani wakhe abemvakashele uveza ukuthi umgcine ewumuntu ozobuya ngokushesha ngoJanuwari 2, ngesikhathi eya ezitolo eziseduze okuthiwa wathi uyokhipha imali khona.
Uninomncane ka-Asive, uNksz Zandile Mvunelo elandisa Isolezwe, uthe sebezame ukubheka yonke indawo, ngethemba lokuthi bazomthola. Nezincazelo abazinikwe wumngani wakhe ngokunyamalala kwendodakazi yabo, uthe zishayisa amakhala.
“Uwumuntu ongajwayele ukuzula, ozihlalela ekhaya. Ngomhla ka-31, wacela ukuyojabulela unyaka omusha nomngani wakhe, okuyibanga eliseduze, nakubo kwazise kuhambeka ngezinyawo.
“Ngesikhathi sibona engabuyi ngakusasa kuze kuba ntambama, sithume ingane ukuthi iyombheka. Nempela yamfica ehleli khona kubo komngani, waba wumuntu ongenankinga, kodwa ingane ithe ubengakhulumi enqekuzisa ikhanda nje uma imbuza ukuthi kungabe konke kuhamba kahle na,” kulandisa uNksz Mvunelo.
Uthe ngoMsombuluko baziyele kubo kamngani wakhe ukuyombheka ngoba bese beqaphela ukuthi ucingo lwakhe luvaliwe, kodwa bafika (umngani) wabatshela ukuthi uhambe ekuseni eyokhipha imali ezitolo eziseduze.
“Silindile engabuyi, futhi okuxakayo wukuthi amakhadi akhe asebhange abekhona endlini kamngani wakhe, ngakho bekudida ukuthi imali leyo ubeyoyikhipha ngani.
“Ngesikhathi sibuza ngocingo, usitshele ukuthi naye akanalo, bathe belele emva kokujabulela unyaka omusha, bakhohlwa wukuvala umnyango, bakholwa ukuthi kungene amasela athatha izingcingo zabo,” usho kanje.
Uthe okubaphatha kabi wukuthi asikho isihlobo abeke avakeshele kuso, nokuthi uwumuntu ongazwani nokuzula, kangangoba nokuvakasha ngalolu suku kube yinto nje ebashaqisayo.
Uthe baye emaphoyiseni ukubika ngokulahleka kwendodakazi, kanti nomngani wakhe ubatshele ukuthi lolu daba naye uselubikile emaphoyiseni.
Imizamo yokuthola umngani ka-Asiviwe ayiphumelelanga ngoba kuthiwa akasenalo ucingo atholakala kulo okwamanje, selokhu abika ukuthi lulahlekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMariannhill acelwa ukufuniswa lo wesifazane.
“Ugcinwe ukubonwa efake isiketi se-jean, isikibha esimhlophe nejezi elimpunga. Noma wubani ongaba nolwazi ukuthi ukuphi makathinte uDetective Sgt Mbonambi kwethi: 063 598 6194/ 031 703 1150/556, noma athinte inombolo yamaphoyisa yokubika ngobugebengu ethi: 08600 10111,” kusho uLt Colonel Gwala.