BAFE ujuqu abantu ababili abathelwe amachaphazelo ngesikhathi izigelekeqe ziphanga imoto yemali Ekurhuleni, eGauteng ngoLwesithathu ekuseni.
Kubikwa ukuthi abashonile, abangamadoda amabili, bebekade bezimele nomnye wesilisa emgwaqweni uPuntfontein ngesikhathi bedubuleka kulesi sehlakalo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe indoda yesithathu ilimale kanzima, yaphuthunyiswa esibhedlela iyokwelashwa.
UBrig Mathe uthe abasolwa, abebehlome beyizingovolo ngezibhamu ezinkulu, bashaye bachitha nesamba semali angasidalulanga.
Uthe amaphoyisa asezitholile izimoto ezintathu abaleke ngazo lamadoda okubalwa kuzona iBMW enombala osagolide engqongqisiwe nama- Audi A1 amabili.
“Kubizwe nochwepheshe abaphenya ngezithinta amabhomu endaweni yesigameko kanti amaphoyisa aphume inqima athungatha abasolwa,” kusho uBrig Mathe.
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwalezi zigelekeqe ngokuthinta umphathi wesiteshi samaphoyisa saseCrystal Park, uLieutenant Colonel Ramlal enombolweni yocingo ethi: 082 822 8315.
Uthe bangabika nasenombolweni yocingo yakwaCrime Stop ethi: 08600 10111.