BAFUNA busiphulwe nezimpande ubugebengu bokubulawa kwamakhosi nezinduna. Lona wumlayezo wamakhosi nezinduna abehambele imbizo izolo, ebibizwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka.
Abaholi bendabuko badalule lokhu izolo embizweni ebiseSishayamthetho esidala oLundi. Inhloso yembizo ukuthi kutholakale ikhambi elingasetshenziswa ukunqanda isihlava sokubulawa kwamakhosi nezinduna okudla lubi KwaZulu-Natal.
Inkosi Sibisi ithe ukubulawa kwamakhosi nezinduna kuthunaza isihlalo ngoba ezikhathini zakudala, inkosi nenduna bebehlonishwa.
“Imizi yamakhosi beyaziwa njengezindawo eziphephile nezihlonishwayo ngoba ubethi noma eshawa umuntu, uma ebaleka engena emzini wenkosi, lowo omjahayo ubevele amyeke ngoba ubazi ukuthi awube usamthinta umuntu uma esengene emagcekeni akonkosi. Manje sibona okunye lapho kungena izigebengu zizobulala amakhosi emizini yawo,” kusho inkosi Sibisi.
Inkosi Bhekizitha Zulu engaphansi koMkhandlu uMkhanyakude, ithe: “Ezinye zezinto okufanele zibhekisiswe ukuthi asiluphehli yini udweshu. Kufanele kubhekwe indlela amakhosi nezinduna aklama ngayo imingcele. Kwesinye isikhathi kuye kube khona ukugamanxela emingceleni yabantu. Lokho kuholela ekutheni kube nokuhluthuka kwezinhliziyo, kuxoveke izakhamizi, kube khona nabanyatheleka amakhona.”
USihlalo weNdlu yoMdabu, oyinkosi yaseMaDungeni uPhathisizwe Chiliza uthe: “Siyabonga ukuthi emva komhlangano wangoNovemba 23, eMayville, lapho okwakubuthene amakhosi, sekube khona le mbizo esikuyo namuhla. Sibonga ukuthi umphathiswa abenodlebe uma ebizwa ukuthi nanka amanzi engena endlini, asheshe asukume.”
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka uthe ezinye izinto kumele nawo amakhosi azikhuze ngoba zonke zenzeka ezindaweni okuhlalwa kuzo.
“Izinduna zithi zibulawa ngamakhosi. Namakhosi nawo athi abulawa yizinduna. Sithe asiwukhuze lo mhlola ngoba ekugcineni baningi abantu ababulawayo, imindeni yabo iyathinteka kodwa imindeni yabafi ivele ikhombe kude,” kusho uHlomuka.
Uthe okubuhlungu wukuthi uma umuntu esekhaya kuye kucatshangwe ukuthi usendaweni ephephile.