KUBUYE ithemba emphakathini waseSixeni kwaHlabisa ozokwakhelwa ibhuloho elizobakhulula emfuleni obusuqede imfuyo uma udla izindwani, kuvaleke nomgwaqo.
Lokhu kuvele emhlanganweni womphakathi ngesikhathi kwethulwa usonkontileka, uNksz Sne Chamane ozokwakha leli bhuloho elizoba semgwaqweni uMthunzi-Ngoqongo.
Umhlangano ubuku-Ward 11 ngoLwesibili nokuyilapho induna yesebukhosini bakwaHlabisa, uMnuz Mthembeni Mhlongo neMeya yaseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo bebikele umphakathi ukuthi usonkontileka uzoqala maduze umsebenzi.
UMhlongo uthe isimo sisenzima ngoba uma izulu lina, liphendula indawo yaseSixeni isiqhingi bavaleleke emakhaya nezingane zingayi esikoleni ngoba isuke ingekho indlela yokuwela.
Uthe ngisho ukufinyelela kwama-ambulensi nezimoto zamaphoyisa akwenzeki ngoba umfula usuke udla izindwani.
"Kuyasijabulisa futhi kusifikisela ngezinyembezi zenjabulo uma sithola ukuthi ekugcineni sesizophuma esiqhingini ngenxa yaleli bhuloho elizokwakhiwa. Impilo inzima ngoba lo mfula uma ugcwele kuvaleka nomgwaqo okuyiwo esihamba ngawo. Nawo usumoshakele njengoba niwubona ushawa ukungenisa ngamandla kwalo mfula," kusho uMhlongo.
Imeya uKhumalo ithe leli bhuloho lizobiza uR3.9 million ukulakha.
Uthe okunye okuseqhulwini ukuthi usonkontileka walo ungumuntu wendawo ongowesifazane, nozodala inqwaba yamathuba emisebenzi kulo mphakathi uma sekwakhiwa.
UNksz Chamane uthembise ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi leli bhuloho limelana nazo zonke izimo.
Uveze nokuthi okwamanje bahlela ukuba umsebenzi uqale ngokuphelele ngoJanuwari wangonyaka ozayo.
Uthe isizathu ukuthi izitolo ezidayisa impahla yokwakha ezinye zizovala, umsebenzi usaqala njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimuzi bese bengakwazi ukuthenga yonke impahla edingekayo.