SEBULUNGISIWE ubuhixihixi obushiye izaguga zingayiholile impesheni yazo njengoba elayizolo lishone sezikwazi ukukhipha imali ezitolo nasemishinini yasemabhange ekhipha imali.
Usaguga saseMawelewele, eSavannah Park, esicele ukungadalulwa, sitshele Isolezwe ukuthi emuva kokuphuma kodaba lwezimpesheni emaphephandabeni, sivuke saya ezitolo zaseChatsworth sajabula ngesikhathi imali yaso iphuma.
“Bengiphatheke kabi izolo (NgoLwesibili) ngesikhathi imali yami ingaphumi esitolo nasemshinini wasebhange wokukhipha imali. Bangitshele ukuthi kwaSassa bathe imali izophuma namhlanje (ngoLwesithathu) nangempela yaphuma. Ngiyacela osuke efakelwe imali yethu angaphinde asigile ngalolu hlobo ngoba le mali sithembele kuyona ukuthi sithenge igilosa. Uma singayitholi sisuke sizolala singadlile,” kuchaza isaguga.
Esitatimendeni uMnuz Bongani Diako, okhulumela iPostbank, uthe babe nobuhixihixi bezobuchwepheshe obuphazamise ukukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni.
“Sesibulungisile ubuhixihixi obusiphazamise ukuthi siholele abantu izibonelelo. Lokhu kusho ukuthi namhlanje (ngoLwesithathu) abasebenzisa amakhadi akwaSassa anombala wegolide sebeyakwazi ukukhipha imali yabo emishinini yokukhipha imali nasezitolo,” kusho uDiako.
Uthe amathimba abo asebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izibonelelo zikahulumeni ziyafinyelela ebantwini.
Ugqugquzele abasebenzisa amakhadi akwaSassa anombala wegolide ukuthi baye emishinini yokukhipha imali yasebhange, ezitolo naseposini ukuze bathole imali yabo.
Uthe amakhadi asasebenza awakaphelelwa yisikhathi futhi bazoqhubeka nokuwavuselela ngezikhathi ezifanele.
UNksz Alexandra Abrahams okhulumela iDA ezindabeni zokuthuthukiswa komphakathi, ePhalamende, uthe bathole izingcingo eziningi kwizaguga ebezixakekile zingayitholi impesheni yazo.
Ucele uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu ukuba ayilungise le nkinga.
Uzidonse ngendlebe izaguga wathi azivule ama-akhawunti asebhange ukuze impesheni yazo ifakwe emabhange azimele njengoba iPostbank ihlale iba nezinkinga zobuchwepheshe besimanje.