SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseMtshebheni, eNanda, isigameko sokubulawa kowesifazane oyedwa kwase kudutshulwa namalungu akhe omndeni.
Isolezwe lithole ukuthi uNksz Zandile Ndlovu (38) udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngesikhathi emzini wakhe kugasela amadoda amahlanu abehlome eyizingovolo.
Amdubula nje ubengena esangweni esedubule alimaza indondana yakhe nelinye ilungu lomndeni. Kuthiwa abahlaseli bangene badubula laba ababili, okuthe uma kungena lo wesifazane esangweni, kwazwakala omunye wabo ethi “Majita, nangu umuntu ebesimzele”, kwase kukhala inganono wasala edindilizile njengoba efele khona lapho.
Kuvela ukuthi la madoda afike apaka imoto kude nasegcekeni lakwaNdlovu ase asondela ngezinyawo.
Umthombo uthi acuthe esangweni okuthe uma kuthushuka indodana yakhona ayidubula yalimala kabi onyaweni.
Angene ngaphakathi adubula umkhulu wakhona esiswini ophuthunyiswe esibhedlela.
Kuthiwa amadoda aphume abaleka kwathi esengenhla abonakala engena emotweni emnyama abekade eyipake kude maqede akhala amaphepha.
"Sididekile sonke lapha emphakathini, asazi ukuthi ingampela ubulaweleni lo wesifazane. Okusixakayo ukuthi besingakaze sizwe ukuthi kukhona umuntu axabene naye kumbe ke umuntu angazwani naye,'' kuchaza umthombo.
Omunye umthombo osondelene nomufi kodwa ocele ukuba ligodlwe igama lawo, uthe badukuza ebumnyameni mayelana nokuthi kungani kuhlaleselwe lo mndeni.
"Kuyaxaka ngampela ukuthi kungamane kuhlaselwe umndeni esingawazeli lutho kodwa umane uhleselwe ngale ndlela. Kubi ngampela lokhu esikubone kwenzeka kuleli khaya,'' usho kanje.
Umufi kuvela ukuthi akukho lapho abesebenza khona.
Isolezwe lithole ukuthi eminyakeni emine eyadlula umfowabo kamufi owayenesitolo sokudayisa utshwala, naye wahlaselwa ngamadoda amane ambulala ngokumdubula.
Kuze kube yimanje kuthiwa abekho abantu abake baboshwa mayelana naleso sigameko.
Kuvela ukuthi amalungu omndeni wakwaNdlovu athuka izanya njengoba esezizwa engasaphephile.
Indodana kamufi, uMnuz Simli Ndlovu, ithe bakhungathekile ngesehlakalo ngoba abekho abantu ebebazi ukuthi bayabalandela emndenini wabo.
UNdlovu uveze ukuthi lesi sigameko sibalimazile njengoba sebesele bodwa beyizingane kulo muzi.
"Nami bangidubulile onyaweni, kodwa bona bebefuna umama,'' usho kanjena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe belingakabibikho icala lalolu hlobo elivuliwe kubona kodwa basazolibheka.