KUSOLWA umbango wezidakamizwa ngokubulawa kwabangani abane abathelwe ngoyaba lwezinhlamvu kade belele endlini eZimangweni eNanda izolo.
Abangani abane, oMnuz Thabani Mthembu, Ntokozo Kubheka, Thulubheke “Mathuli” Luthuli noNjabulo, isibongo esingatholakalanga, batholwe ekuseni izolo endlini bebulewe.
Laba kuthiwa bahlaselwe ngabo-2 ezintatha izolo ngabantu abangaziwa abafike bakhahlela isicabha maqede bavuthuza ngenhlamvu bebulala wonke umuntu obesendlini.
Kunezinsolo eziqinile ezithi laba bebesolwa ngokuthinteka ekudayiseni izidakamizwa nokuzisebenzisa endaweni.
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa uthe udaba lwezidakamizwa yilo olusolwayo kwazise kuneqembu ebelisola laba ukuthi sebesebenzisa izidakamizwa zelinye iqembu.
Ezinye izinsolo zithi le ndlu bekubhenyelwa kuyo njengoba bekuhlanganwa kuyo njalo ntambama.
Lokhu akuzange kuqinisekiswe ngamaphoyisa athe kuyaphenywa ngembangela yalesi sigameko.
Imindeni yalaba ababulewe izikhalele ngokuthi ayilazi icala labo futhi ithuka izanya njengoba ingazi ukuthi ababulali bangobani.
Unina kaKubheka, uNksz Nelisiwe Kubheka, uthe uzizwile izibhamu ziqhuma kodwa wangazitshela ukuthi kubulawa indodana yakhe.
“Bekungabo-2 ekuseni ngizwa izigi zabantu abadlula ngakwami ngoba ngiwumakhelwane walo muzi ingane yami ebulawelwe kuwo.
“Ngizwe sekuqhuma izibhamu kaningi, ngabe sengizwa izigi zidlula futhi. Ngisabe nokuphuma endlini. Ngilinde kwaphuma ilanga ngabe sengiphuma ngiyobheka ukuthi kwenzekeni.
ABAMAKHAZA sebethatha izidumbu zabangani abane ababulawe eZimangweni eNanda. Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)
“Ngishaqekile ngithola ukuthi bekubulawa ingane yami endlini yomngani wayo. Angazi ukuthi kungani beyibulele ingane yami, icala nesono sayo angikwazi. Ubekade evakashele umngani wakhe nje,” kusho uNksz Kubheka.
Isolezwe lithole ngabomndeni ukuthi kulo muzi wakwaMthembu bebehlala ngokuhlangana benze imishanelo yelala bese beyayidayisa.
Unina omdala kaLuthuli, uNksz Hawukile Luthuli uthe abanalwazi ukuthi kungani ingane yabo ihlaselwe.
“Besazi ukuthi laba bangani bazenzela imishanelo, besingabazeli lutho kodwa izingane zabafana ngeke ufakaze ngazo ngoba awuhambi nazo ngakho awazi zisuke zenzani.
“Lo mfana ubezithulela nje engasukeli muntu. Sishaqekile njengomndeni ngesihluku abulawe ngaso,” kusho uNksz Luthuli.
Imindeni ithe iyesaba njengoba ingazi noma ababulali bazobuya yini bezohlasela emakhaya yababulewe.
Isolezwe ngesikhathi lihambele indawo yesigameko, omakhelwane abangathandanga ukuzidalula bathe bayesaba emuva kwalesi sehlo.
Bathe kule ndawo akusaphephile uma kuzodutshulwa abantu abane ngale ndlela.
Amalungu omphakathi abegcwele ezozibonela lapho kwenzeke khona isehlo, ebabaza nesihluku sababulali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amane okubulala kanti kusaphenywa.
“Amaphoyisa aseNanda avule amacala amane okubulala.
“Kusolwa ukuthi ngabo-2 ekuseni namhlanje (izolo) abesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-45 bahlaselwe eZimangweni eNanda.
“Abasolwa abaziwa. Basathungathwa,” kusho uZwane.