Owesilisa ungene esigodlweni seNgonyama uMswati III kwaLozitha watshontsha ukudla wakudla.
Ngokwemibiko yeSwaziland News, ngemuva kwesigameko kuthiwa kutshalwe amasosha namaphoyisa esigodlweni.
Ngokomthombo weSwaziland News oyiphoyisa esidlweni, kutholakale ukuthi lona wesilisa ubesehlala esigodlweni cishe amasonto amabili engaziwa wumuntu.
“Kunezindlu ezingahlali muntu esigodlweni ezinethelevishini, imibhede emihle nefenisha kanti njengoba isigodlo sisikhulu nje, le ndoda ibulale iwindi ukuze ihlale ngaphakathi endlini. Sithole ukuthi ebusuku ibiya ekhishini ithathe ukudla bese ikudlela endlini. Kwenzekile ukuthi enye yezingane ebilula izinyawo esigodlweni yabona ikhethini lithi nyaka,” kusho umthombo.
Kuthiwa iphuthume yayobika kwabe sekujutshwa amaphoyisa washaqwa lona wesilisa wayiswa esiteshini samaphoyisa eMbabane.
“Kodwa ngigcine ngizwa kuthiwa inkosi ithe akahlolwe ukuthi uyaphila yini ekhanda uma engaphili ayekwe.”
Imibuzo ethunyelelwe okhulumela amaphoyisa uSenior Superintendent Phindile Vilakazi igcine ingaphendulwanga.
Okhulumela iNgonyama uMswati uPercy Simelane, uthe akukho okubambekayo anakho ngesigameko kodwa wakuqinisekisa ukuthi kunezinkulumo endlunkulu ngokuthi isigameko senzekile.
“Akukho okusemthethweni okukhona ngesigameko. Esinakho yimibiko engaqinisekisiwe esabalele. Kubukeka sengathi kunecala emaphoyisa esingeke sikhulume ngalo emphakathini okwamanje ngoba lithinta ezokuphepha,” ucashunwe kanje uSimelane.