SEKUBOSHWE indoda yesibili ngokubulawa komholi wophiko lwentsha kwi-ANC, odutshulwe ngakubo eMlaza ephuma engqungqutheleni yenhlangano ngoMgqibelo.
UMnuz Bongani Usher Mkhize (25), ubenguSihlalo we-ANC Youth League (YCL) eCoastal KZN College eyiPhini likaSihlalo we-ANC ku-ward 88 eMlaza. Indoda yokuqala eneminyaka ewu-29 izinikele emaphoyiseni ngosuku lobugebengu. Izolo amaphoyisa aveze ukuthi sekuboshwe indoda eneminyaka ewu-24 mayelana nokufa kukaMkhize.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Jay Naicker, uthe indoda yokuqala ibhekene necala lokubulala nokuphatha isibhamu esingekho emthethweni.
“Ngezithuba zabo-9 ekuseni ngoMgqibelo umufi udutshulwe umsolwa owaziwayo emgwaqweni uYose Drive kwa-V eMlaza. Isibhamu atholakale naso sike sasetshenziswa kwesinye isehlo sobugebengu. Sithathiwe ngamaphoyisa,” kusho uNaicker.
UNaicker uthe indoda yesibili iboshwe eMlaza.
Uthe womabili amadoda azovela eNkantolo yeMantshi eMlaza namuhla.
Uveze ukuthi asaziwa isizathu sokubulawa kukaMkhize kodwa amaphoyisa asaphenya.
Izindaba zokufa kukaMkhize zidalulwe nguNobhala we-ANCYL esifundazweni, uMnuz Thanduxolo Sabelo, ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi eThekwini.
Utshele abezindaba ukuthi uMkhize ubengumholi osemncane kodwa obesebenza ngokuzikhandla. USabelo uthe kuyabakhathaza ukubulawa kwabaholi ngale ndlela, wanxusa ungqongqoshe wamaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo. Imiyalezo yenduduzo nesililo bekulokhu kuqhubeke njalo ezinkundleni zokuxhumana, abaningi bekhala ngokuba wumholi oqotho kukaMkhize.
Ngesikhathi sokuloba ubungakatholakali umndeni kamufi.