UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesifazane wasePhoenix, eThekwini okuthiwa ubikele amaphoyisa ukuthi uthunjiwe kanti usenga ezimithiyo.
Lo wesifazane oneminyaka engu-47, kuthiwa ukwenze lokhu ngoba efuna ukuqola umyeni wakhe ongusomabhizinisi.
Umsolwa kulindeleke avele enkantolo yeMantshi yaseVerulam namuhla ngecala lokuqamba amanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi umsolwa uhlele ukuthunjwa kwakhe okungenzekanga.
Ulandise wathi ngoMsombuluko amaphoyisa abikelwe ngowesifazane obekusolakala ukuthi uthunjiwe emgwaqweni uClay Field, ePhoenix.
UNetshiunda uthe lo wesifazane ubekade esendaweni yebhizinisi nomyeni wakhe, wayesebuyela emzini wabo ongaqhelelene kakhulu nendawo yebhizinisi.
“Emuva kwesikhashana umyeni ongusomabhizinisi uthole ucingo obeluvela kunkosikazi wakhe, luthi uthunjiwe, ucela athumele isamba semali esingadalulwanga ukuze abathumbi bezomkhulula,” kulandisa uNetshiunda.
Kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi usomabhizinisi uthole ucingo obeluvela kowesilisa osabise ngokuthi uzokwenzakalisa lo wesifazane uma engayikhiphi imali efunwayo.
UNetshiunda uthe uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi ingamampunge eyokuthunjwa kwalo wesifazane, kodwa bekuyitulo nje lokuqola umyeni wakhe.
Lesigameko silandela esangenyanga eyedlule sokuboshwa kowesifazane waseDududu, eMkhomazi, okuthiwa wabika icala lokuthunjwa kwengane elingekho emaphoyiseni.
Amaphoyisa akhiphe isexwayiso esishubile athi bazolutheza olumanzi abantu abavula amacala angekho ngoba lokhu kuwamoshela izinsiza kusebenza.
Amaphoyisaa athe ziyakhula izibalo zezigameko zokuthunjwa kwabantu ngakho akuyona into abantu abangadlala ngayo.