UKUFAKWA kwamakhamera anele, ukulawula izikhathi zokusebenza kwamabhizinisi amancane nokuqinisekisa ukuthi abantu abahlala emabhilidini aseThekwini bakuwo ngokusemthethweni, kungalekelela ekwehliseni izigameko zobugebengu ezibatshazwayo ePhoyinti, edume ngokuhlala abantu bokufika.
Lokhu kuvele enkulumweni kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa neminyango kahulumeni wokukhuculula emabhilidini. Kulo mkhankaso amaphoyisa abehambisana noMnyango wezaseKhaya nowezoBulungiswa.
Kuthe ngoLwesibili bagasela kungazelelwe emabhilidini ayisithupha asePhoyinti, kwaboshwa abangu-123 bokufika abahlala kuwo benganazimvume zokubakuleli.
Kuvundulululwe izidakamizwa nemali engumbombayi engamadola aseMelika, elinginiswa no- R4,1 million wemali yakuleli.
UMkhwanazi uthe umasipala kumele uqinise kakhulu kweminye imithetho, njengokubeka isikhathi esiqondile sokuvalwa kwamabhizinisi njengoba ethe kukhona asebenze ubusuku bonke kungekho sizathu esiqinile sokwenze njalo. Ubale kuwo izindawo zokucwala izinwele nezitolo zokudla ezincane, athe izigilamkhuba zicasha ngakho uma ziphusha umshikashika wazo esithe.
“Inkinga yethu enkulu njengamaphoyisa, kunamabhilidi anganakiwe othola ukuthi abanikazi bawashiya phansi, athathwa ngokungekho emthethweni ngabathile. Bahlukaniselana ngawo baqashise, ngakho kukhona abahlala khona abakhokhiswa imali yokuqasha ngendlela engaqondile,” usho kanje
Uthe ukwengeza amakhamera ukuqinisekisa ukuthi yonke into eyenziwa edolobheni iyaqopheka, kungenza kube lula ukulwa nobugebengu.
Uthe abanye kutholakala ukuthi endaweni okurenta kuyo abantu enemibhede emibili, kuhlala abangu-20. Abantu bayashintshana, abanye balala ebusuku abanye balale emini, okwenza naphakathi kwamabili uthole kunabantu abehla benyuka emgwaqweni ungazi ukuthi benzani, okuphazamisa kakhulu izivakashi.
Emabhilidini okugaselwe kuwo kutholwe ukuthi elinye yibhilidi likamasipala kanti kunothile okhokhisa i-renti kulo ngokungemthetho, othathwe amaphoyisa wayophoswa imibuzo. Kulo mkhankaso kuphinde kwavundululwa izinhlamvu ezingu-117 zezibhamu ezehlukene, kanti kunqanyulwe ukuphakelwa kwamanzi nogesi emabhilidini amabili okukholakala ukuthi kungenwe kuwo ngokungemthetho.
Yize kunezinsolo ezibeka kabi amaphoyisa esiteshini samaphoyisa esisePhoyinti zokusebenzisana nezigebengu, kodwa uMkhwanazi ugcizelele ukuthi amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukulwa nabo nakuba ekhona amazambane abolile. Uveze ukuthi yinqwaba yamaphoyisa kulesi siteshi aseboshiwe ngenxa yalezi zinsolo.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli neMeya kuMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba, bebengabanye abebehola lo mkhankaso.
UNtuli uthe imikhankaso enjengalena izoqhubeka, kanti akuwona nje kuphela amabhillidi okungenwe kuwo ngokungemthetho aseThekwini okugaselwa kuwo, kodwa nakwezinye izindawo.