SAMUKELWE ngo-elethu isinyathelo sikaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube sokuxhasa abalimi abasafufusa, abatshala insangu ezosetshenziselwa ukwelapha, ngenhloso yokufukula umnotho namathuba emisebenzi.
Lezi zindaba zivezwe nguNkk Dube-Ncube ekhuluma engqungqutheleni ngezensangu, iCannabis Investment Protocol, ebise-ICC, eThekwini, ngoLwesithathu.
NgokweMoses Kotane Institute, kungabiza umlimi osafufusa imali elinganiselwa kuR23 000 ukuthola ilayisensi yokukhiqiza insangu. Ilayisensi iyingxenye yezinye izimfunno okubalwa kuzo ukuba nomhlaba obuyiliwe, ugesi wokukhanyisa, kanye nemvume evela kumnyango wezeMpilo.
Ethula inkulumo phambi kwezihambeli engqungqutheleni uNkk Dube-Ncube uthe: “Sikholelwa wukuthi maningi amathuba okusebenzisa insangu ukuze ithuthukise imboni yezolimo neminye imikhakha. Ucwaningo luveza ukuthi imboni yensangu ingenza inzuzo enguR100 billion. I-United Nations ikholwa ngukuthi iNingizimu Afrika ikhiqiza u-2 300 wamathani ensangu ngonyaka, okuyenza ilale isithathu emhlabeni emazweni akhiqiza insangu.”
Uthe iKZN yiyona esethubeni lokukhiqiza insangu eningi ngenxa yesimo sezulu esivuna ukukhula kwensangu kalula, uma iqhathaniswa namanye amazwe aphesheya, ikakhulukazi e-Europe.
“Siwuhulumeni kasifuni ukuthi abantu basemiphakathini yethu abebevele beyitshala insangu bavaleleke ngaphandle. Sisizogxila ezindaweni ezisemakhaya ngoba zinomlando omude wokutshala nokusebenzisa insangu, yize bebekwenza ngokungemthetho. Njengoba uhulumeni esevula amathuba, kasifuni abantu basale ngaphandle,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe bayazi ukuthi kunezinhlangano ezikhokhisa abantu ukuze zisabalalise ulwazi ngemboni yensangu.
Uthe bewumnyango basazoqhubeka nezinhlelo zamahhala zokusabalalisa ulwazi ngale mboni.
UNkk Dube-Ncube uthe izigidi zamathuba emisebenzi azodaleka ngokutshalwa kwensangu.
EMorocco kuthiwa angaphezu kuka-200 000 amathuba emisebenzi, adalwe ibhizinisi lensangu.
UNkk Dube-Ncube uthe abalimi kuzomele babe nemvume esemthethweni futhi konke kwenziwe ngokulandelwa komthetho.
Uthe iminyango kahulumeni izosebenzisana kulolu hlelo njengoba uMnyango wezoLimo esifundazweni kulindeleke ukuthi uxhase ngocingo lokubiya emasimini ensangu.
USihlalo we-EFF eKZN, uMnuz Vusi Khoza, uthe bayaseseka isinyathelo sikangqongqoshe futhi kumele abatshali bensangu baxhaswe ngomhlaba nangezinsiza zokusebenza.
UKhoza uthe umhlaba nensangu kakubuyele kubanikazi bawo, okungabamnyama.
“Akungalokhu kuthiwa abantu batshala insangu ngenxa yezempilo ngoba ibivele isetshenziswa endulo. Abantu kabanikwe izinsiza futhi bavulelwe ithuba, bayifake ezimakethe. Kwasiphatha kabi ukuthi emuva kokugunyazwa kwensangu ukuthi ibe semthethweni, kwanikwa ilayisense yokuhweba ngensangu inkampani yabamhlophe ekubeni bekhona abantu abamnyama,” kusho uKhoza.
Uthe kumele ngabe kade baxhaswa ngomhlaba abatshali bensangu abamnyama.
USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blesssed Gwala, uthe bayasamukela isinyathelo sikangqongqoshe.
“I-IFP yiyona eyafaka umthethosivivinywa mayelana nensangu, ithi ayisetshenziselwe ukwelapha. Kodwa esikushoyo wukuthi konke okwenziwayo kumele kulandelwe umthetho,” kusho uGwala.
Umholi weDA eKZN, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe iqiniso lithi umthunzi wezinkukhu ususemthethweni manje.
“Kodwa nakhona konke okwenziwayo kumele kulandelwe umthetho. Siyasiseka impela isinyathelo sikangqongqoshe, yonke into eza namasu okufukula umnotho nokudala amathuba emisebenzi idinga ukwesekwa,” kusho uMncwango.
Uthe akangabazi ukuthi imboni yezensangu izodala izigidi zamathuba emisebenzi.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Ricardo Mthembu uthe bayameseka ungqongqoshe nesinyathelo sakhe.
“Yize simeseka kodwa kumele kuqikelelwe ukuthi abantu abasha kabazimbandakanyi nensangu ngezindlela ezimbi, njengokuyibhema,” kusho uMthembu.
Uthe kabangabazi ukuthi insangu izowufukula umnotho.