KUBIKWA ukuthi bathathu abezicishamlilo abashonile ngesikhathi belwa nokuqeda umlilo wequbula ku-R617 ngaseBoston.
Kuthiwa lo mlilo uqale epulazini iStirling Farm, wabhebhetheka ngokushesha ngenxa yesimo sezulu esingesihle.
Umphathi omkhulu weMidlands EMS, uMark Winterboer, uqinisekise kwabezindaba isibalo sabathathu abashonile wathi owesine uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi kakhulu.
Kuthiwa abashonile ngabesifazane abathathu abasebenzela inkampani.
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, udlulise amazwi enduduzo ngabezicishamlilo abashonile.
“Sibuhlungu ngokulahlekelwa abasebenzi abanesibindi abebelwela ukuvikela abanye abantu ukuba bangangeni engozini.”
UButhelezi usho lokhu ngesikhathi esoLundi, lapho abehlola khona isimo kulandela umonakalo odalwe wumlilo wequbula. Lapha kushe umhlaba olinganiselwa ku-3 000 hectares ovame kakhulu ukudla imfuyo. Lo mphathiswa ufike ephethe amabhele ukulekelela abanemfuyo engasenakho ukudla, waveza nokuthi uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukusiza labo abasale dengwane.