KUSHONE abagibeli abangaphezu kuka-18 ezingozini zamatekisi ezehlukene ezenzeke eGauteng naseMpumalanga ngoLwesibili ebusuku nayizolo ekuseni.
Engozini yaseGauteng kushone abangu-12 okubalwa nezingane zezikole ezintathu ngesikhathi kushayisana itekisi nemoto encane emgwaqweni uGolden Highway, e-Eldorado Park.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uMnuz Russell Meiring, uthe befika endaweni yesigameko ngabo-6.40 ekuseni, izidumbu eziyisishiyagalolunye bezisaphazekile emgwaqweni.
“Abacima umlilo bese bevele befikile bezama ukukhipha isidumbu sesi-10 emotweni,” kusho uMeiring.
Uthe babahlolile abalimele bathola ukuthi abangu-10 bese beshonile, kulabo kubalwa nezingane ezintathu ezineminyaka engaphansi kuka-10.
Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi abanye ababili bashonele esibhedlela, okwenza isibalo sabashone kule ngozi saba ngu-12.
UMeiring uthe abazi ukuthi bebengaki abantu emotweni encane kodwa bonke abashonile bebegibele itekisi ngoba bakhishwe kuyo. Imbangela yale ngozi ibingakaziwa kodwa kusolwa ukuba budedengu kwabashayeli.
Kwenye ingozi eyenzeke eMpumalanga, kushone abantu abayisikhombisa, kwalimala abayisishiyagalombili. Itekisi ebisuka eGoli iya eMozambique, ishayisane neloli.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uthe ingozi yenzeke ngoLwesibili ngabo-11 ebusuku, emgwaqweni * -N4 eHectorspruit, eMpumalanga. Umshayeli kuthiwa imphunyukile itekisi, yaphaphalaza yayoshayisana neloli.
“Bonke abashonile bebesetekisini kubalwa nomshayeli. Kushone abesifazane abane nabesilisa abathathu,” kusho uHlathi.