KULINDELEKE ukuthi agonyuluke ngomlomo wakhe owesifazane othweswe icala lokubulala umyeni wakhe.
Namhlanje, uNkk Faith Nongcebo Ntombela, kulindeleke ukuthi avume phambi kweJaji uChetty eNkantolo eNkulu yaseScottburgh, itulo lokubulawa kuka-Captain Zwelakhe Ntombela owayeseyiPhoyisa loMkhandlu weTheku.
Izolo, ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini nababili asolwa nabo kuleli cala, uMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko noKhulani Cele, oyinkabi eyesatshwayo evele isigwetshiwe ngamacala angahlobene naleli. Laba ababili bazophinde babuyele enkantolo maduze.
Ngaphambilini umshushisi, u-Advocate Kristen Shaah, watshela iJaji laseNkantolo yaseThekwini, uBruce Bedderson, ukuthi uNkk Ntombela icala uyalivuma.
UBedderson wathi kumele lokhu uNkk Ntombela akwenze ngomlomo wakhe ethathe inkantolo ngamehlo engqondo ayibeke ngakho konke okwenzeka kuhlelwa itulo.
Izolo, bekulindeleke ukuthi lokhu akwenze uNkk Ntombela kodwa kwahlaluka ukuthi amaJaji aseNkantolo yaseThekwini amatasa, angeke akwazi ukulalela icala lakhe.
Kwase kuvunyelwana ngokuthi kusetshenziswe iNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
"Icala lakho liya eNkantolo eNkulu yaseScottburgh,'' kusho iJaji libhekise kuNkk Ntombela.
Ngaleso sikhathi uNkk Ntombela ubebonakala ethule samuntu ojulile ngomcabango.
UNkk Ntombela usolwa ngokuba ungqondongqondo wetulo lokubulawa komyeni wakhe.
Umufi wahlaselwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, ngoMeyi 3, ngonyaka owedlule.
Ngesikhathi edutshulwa umufi, uNkk Ntombela, wayekhona ngaphakathi endlini kodwa kuvela ukuthi akazange azihluphe ngokuyobheka emnyango.
Wadutshulwa ngabantu abangaziwa waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, amaphoyisa abopha inkabi uSipho Ntombela okwavela ukuthi nguyena owadubula.
Le nkabi yageqa amagula ilandisa inkantolo ngalo lonke itulo yaveza nokuthi yayikade ithunywe nguNkk Ntombela.
Yaveza nokuthi yayikhokhelwe imali engakanani ukuze yenze lo msebenzi. Inkantolo yabe seyiyigweba iminyaka engu-15 ibhadla ejele.
Ngemuva kwalokho, noNkk Ntombela wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngaleli cala.