UMNDENI womfundi waseMkomaas Secondary, uLethokuhle Simphiwe Gumede, usathuthumela futhi awukakwamukeli ukudlula kwakhe emhlabeni. Isidumbu sikaLethokuhle (14) waseDanganya, eMgababa, size satholakala ngoLwesibili ngezithuba zawo-11.50 ekuseni.
Umkhulu kamufi, uMnuz Sindile Gumede uthe uLethokuhle utholakale elinyazwe kabi wulwandle.
"Umndeni nezihlobo basathukile futhi akukamukeleki ukuhamba kwakhe umfana. Nokho-ke sibonga ukumthola."
UGumede ubonge kakhulu umndeni, izihlobo nomakhelwane ebebebalekelela ukuthungatha isidumbu sikamufi.
"Ngilubonile uthando kubona bonke, bedela izinto zabo ngathi siwumndeni wakwaGumede," kuphetha uGumede.
ULethokuhle uphenduke iqhawe ehlenga umngani wakhe obemuka kodwa yena akabange esaluthola usizo, wagcina ehambe kanjalo namagagasi. Ngokusho kukaGumede, umzukulu wakhe umukiswe ngamagagasi asolwandle olungasemtholampilo eDanganya Area 5A.
"Zithi izingane zakwamakhelwane bezinyenyile ziyobhukuda. Kube sekumuka ingane yakwaMsomi engumngani wabo. OLetho nabanye basalile ngenkathi abanye beyobiza umzali walo omukayo yilapho uLetho ebe nozwelo, wangena wakhipha umngani wakhe. Ngebhadi yena akazange esakwazi ukuphuma. Bathi bambone esephakamisa isandla, efuna usizo, ngebhadi bona abakwazanga ukumsiza."
UGumede uthe lesi sigameko senzeke ngezithuba zawo-12.20 emini.
"Silusizi emndenini wakwaGumede ngomzukulu wethu okunguyena omdala kunabanye ekhaya," kuphetha uGumede.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi umufi uzofihlwa kuphi futhi nini.