USEPHENDUKE undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana usomabhizinisi wasoLundi, uNhlanhla Mdluli, owakhela abafelokazi nezintandane izindlu.
UMdluli iqhaza lakhe libatshazwe ku-video ebonakale kuYoutube, ekhasini, elibhalwe ukuthi Nhlaka Ndlovu Production.
Kule video, kubonakale uMdluli, enikeza izindlu emindenini emibili, okukhona waKwaNtuli nowaKwaHadebe, wezintandane nomunye womfelokazi.
Ekhuluma neSolezwe, uMdluli weDlula Logistics nohlala eMabedlala Olundi, uveze ukuthi ukuhlupheka yikhona okumenze wafuna ukusiza imindeni akhelene nayo.
“Ngasekhaya ngakhetha ukuthi njengoba senginenkampani yalolu hlobo ngeke ngize ngibukelele nje emphakathini isimo singagwinyisi mathe. Kukhona imizi ewayo, ngenxa yokuthi kwashona abazali izingane azisakwazi ukuqhubeka, eminye kushona obaba bakhona besakha, ngakho ngikhethe ukuthi leyo mizi ngiyakhe kweminye ngiqedele izindlu ezisale zangaqhubeka ngenxa yezimo ezihlukene nokuyinto engiyenza nje ngingabheke lutho inkokhelo," kusho uMdluli.
Uthe nasemphakathini uphinde wasiza ngokulungisa umgwaqo obekunzima ukuhamba kuyo nasebenzise umshini yakhe ukuyenza ibe sesimweni esingcono.
Uthe imizi eminingi aseyisizile ingakubo futhi usazoqhubeka nokufaka isandla njengoba izindawo zasemakhaya kunzima ukuthi zifikelwe intuthuko.
UMnuz Lucky Ntuli, ongomunye wabantu abakhelwe umuzi uveze ukuthi akazi abonge athini njengoba akwenze kubo kukukhulu, sekushone abazali.
“Ungenzele into engingeke ngiyikhohlwe njengoba ekhaya ngisele ngedwa odadewethu babuye bahambe, ekhaya sekufana nakweminye imizi. Izindlu zodaka ezakhiwa abazali bese ziwa, kodwa manje nansi enamagumbi amathathu yakhiwe yaqedwa, akwangagcina ngalokho wangithatha wangifaka emsebenzini enkampanini yakhe ngiyabonga kakhulu,“ kuchaza uLucky.