KUBATSHAZWA ukwenyuka kwezinga lobugebengu e-Area 24 eMgababa eThekwini kudutshulwa kubulawa owesilisa obeyilungu lohlaka olulwa nobugebengu endaweni.
UMnuz Siyabonga Andile Ndlela (29) nabanye ababili badutshulwe ngowesilisa okuthiwa ubesanda kuphuma ejele.
Kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela i-JG Crooks bobathathu kodwa uNdlela kwamenela esedluliselwe esibhedlela iPort Shepstone.
Lilandisa ngesehlakalo ilungu lomndeni, uMnuz Letty Mkhize, othe unguyise omncane kamufi, uthe umufi nabanye ababili bahlaselwe bebuya ukuyodlala i-snooker emva kokushaya kuka-8 ebusuku.
“Bebelandelwa ngabesilisa ababili, abazame ukubamisa kodwa bona bangama ngoba bese kuhlwile futhi kungabantu abangabazi, abangababoni,” kusho uNdlela.
Uthi phambidlana, bahlangane nabanye ozakwabo beforamu babatshela ukuthi kunamadoda abalandelayo abamisayo.
Uveze ukuthi amalungu eforamu ayile kulaba besilisa ababuza ukuthi bayaphi.
“Kube khona ukuhilizisazana, oyedwa wabo ubephethe isikhwama nokuthe uma bembuza ukuthi uphetheni esikhwameni, wavele wabaleka naso. Bakwazile ukumjaha bambamba (lo wesikhwama), kodwa lo omunye (obengaphethe sikhwama) uphunyukile,” kusho uNdlela.
Uthi uthe uma eseqhele kancane waqhumisa isibhamu emoyeni.
“Lo owesikhwama umgagule ngegama emmemeza emtshela ukuthi akangadubuli. Ilapho okuvele khona ukuthi kanti yilona wesilisa osanda kuphuma ejele,” kusho uNdlela.
Uveza ukuthi yingaleso sikhathi kudubuleke khona laba abathathu okukhona kubo nomufi.
Uthe umufi udubuleke esinqeni kanti uthe uma efika esibhedlela kwatholakala ukuthi inhlamvu ifike yabhajwa ngaphakathi, yona izinto eziningi.
Phakathi kwazo kukhona isigubhu esigcina umchamo nendle, okugcine kuhlangana emithanjeni yegazi nokuholele ekushoneni kwakhe.
Uthe yize bebazi ukuthi umsolwa usanda kubuya ejele kodwa bebengakaze banakisise ukubuzisisa ukuthi wayenze cala lini.
Uthe babheke ukuthi amaphoyisa enze ubulungiswa ngecala.
Ilungu leforamu, uNkk Adelaide Luthuli, uthe bakhathazekile kakhulu bewumphakathi ngobugebengu.
“Siphuzile ukusungula iforamu ukuzama ukulwa nobugebengu. Siyisungule sebukade buqalile ubugebengu. Kuningi okwenzekayo, ngaphandle kokubulawa kwabantu, kubuye kube khona ukwebiwa kwezimoto, ukuzulazula kwezimoto eziphuca abantu izikhwama namaselula, ukugqekezwa kwemizi, kuningi nje,” kuchaza uNkk Luthuli.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMkhomazi aphenya icala lokubulala nawokuzama ukubulala.
“Lokhu kuza emva kokudutshulwa kubulawe owesilisa eMgababa kwaphinde kwadutshulwa kwalinyazwa ababili esigamekweni esifanayo. Bonke baphuthunyiswe esibhedlela, umufi wafike washonela khona,” kusho uLt-Col Gwala.