AMAPHOYISA abophe amadoda amabili angowokufika eNingizimu Afrika nezidakamizwa ezingabiza uR3 million.
Abasolwa, oneminyaka engu-34 nonengu-38, baboshwe ngokwehlukana eMbilo nasemgwaqeni uStephen Dlamini eThekwini ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lawa madoda kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu.
Echaza ngokuboshwa kwawo, uNetshiunda uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngendoda ebikade idayisa izidakamizwa.
“Le ndoda ibonwe eMbilo okuthe uma kuseshwa imoto yayo kwatholakala iwunga ewu-900. Uphenyo olwenziwe emzini wale ndoda luvundulule enye iwunga nophawuda. Sekukonke kungabiza uR2 million,” usho kanje.
Umsolwa ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela wathweswa icala lokutholakala nokudayisa izidakamizwa nelokuba seNingizimu Afrika ngokungekho emthethweni.
Umsolwa wesibili kuthiwa utholwe ngamaphoyisa nophawuda wokwenza iwunga eBerea. UNetshiunda uthe amaphoyisa abekade eyibeke iso le ndoda ebisolisa.
“Uphenyo olunzulu luholele amaphoyisa endlini kamsolwa esemgwaqeni uStephen Dlamini lapho kutholakale khona omunye uphawuda ongabiza uR1 million,” usho kanje.