NAMAHLANJE izinkumbi zabafundi bakwa-matric ziqala izivivinyongephepha lokuqala lesiNgisi.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo unxusa abafundi ukuthi babike abantu abafunaukubasiza uma sebebhala.
Lokhu kuvezwe nguNkk Priscilla Ogunbanjo, obhekele izivivinyo kulomnyango, ekhuluma nabezindaba izolongokulungela ukubhalwa kwezivivinyo.
Uthe abafundi mababike abantuabafuna ukubasiza ngoba abanye basukebengacelanga.
“Yingakho sinxusa abafundi ukuthibasibikele uma kungukuthi kukhonaofuna ukubasiza ngezimpendulo uma sekubhalwa. Uma bethula bengasho, nabobazothathwa njengabantu abayingxenye yabakopelile.”
NoNgqongqoshe wezeMfundo, uNkkAngie Motshekga, uxwayise abafundiukuthi bangakopeli ngoba bazobanjwa.
Uthe abafundi nabazali basayine isibopho sokuthi ngeke bazibandakanyenezinto ezingafanele, okubalwa ukukopelanjengoba bebhala.
UMqondisi jikelele wezeMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe bahlangane nazo zonke izinhlakanjengoba kuqala izivivinyo.
Uthe babalelwa ku-900 000 abafundi ababhala lesi sifundo, abangu-753 964babhala ngokugcwele, kuthi abangu-167 915, babhala ngasese.
UMweli uthe bambalwa abafundiabaphazamisekile ngenxa yokucinywakukagesi.
Bangu-14 esikoleni saseGautengabaphazamiseka ngesikhathi kubuya ugesi, kwasha amakhompyutha ngeledlule.
Laba bafundi bazophinda babhalengoDisemba 7, uma sebephinda iComputerApplications Technology (CAT).
Indaba yokucinywa kukagesi kubeyindaba njengoba bekunengebhe yokuthibaningi abafundi abazophazamisekanjengoba ngeledlule bekubhalwa iCATne-Information Technology.
UNkk Motshekga uthe iqoqo labafundi elizobhala lithwale kanzima njengoba kwagadla ubhubhane iCovid-19, ngo-2020benza uGrade 10.
“Laba bafundi kwadingeka ukuthibafunde ngokushitshana, kwancishiswaizifundo, abanye bangaya ezikoleni.Bekumele bagqoke izifonyo ngenxa yaleli gciwane,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe izinhlelo abazenzile ukubuyisaisikhathi esilahlekile, kubalwaukudlala ezinye zezinhlelo zokufundisakumathelevishini, emisakazweni nezinyeokubalwa ne-internet.
UMweli uthe kubhalwa ngesikhathisezimvula, bazohlale beqaphe isimoezikoleni.
“Silindele nokuthi siqashe ezinyeizindawo zokubhalela abafundi ngobaasazi ukuthi kuzokwenzakani njengoba kubhalwa. Sisebenzisana nazo zonkeizinhlaka, okubalwa namasosha ukusiza ezindaweni okunzima ukufinyelela kuzona.”
Uthe basekwa nayizinyunyana kanjalo nezigungu zabazali, ukuthi izivivinyo zihambe ngendlela zingaphazamiseki.
Lezi zivivinyo ziphothulwa ngoDisemba 7.Ukumakwa kwamaphepha kuqala ngoDisemba 10 kuya kuDisemba 22.