UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi balinde umnyama obungenafu labo abathi uzophuma maduze esikhundleni sakhe.
UNtuli uthe uzoyiqeda iminyaka emihlanu abekelwe yona ekulesi sikhundla angene kuso ngoJuni nonyaka.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma embizweni yokulwa nobugebengu ebiseMgungundlovu, ngoLwesibili.
I-MK ihlezi isongela uNtuli ngokuthi uzophuma maduze esikhundleni, futhi ihlezi imbiza ngondunankulu wesikhashana.
I-MK iyona eyathola izihlalo eziningi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNtuli wangena kanzima esikhundleni sakhe njengoba ahlula ilungu leMK, iNkosi Phathisizwe Chiliza, ngamavoti angu-41 kwangu-39.
UNtuli uthe uyazizwa izinkulumo ze-MK, wathi ike yafika nasehhovisi lakhe ihola umbhikisho wabantu ababekhalaza ngokuphucwa ama-transformer, wathi nangalo leli langa yafike yakhuluma ulimi olufanayo.
“Into eyangimangaza uma sengifika ekhaya, ngixoxelwa unkosikazi, wangibuza ukuthi kanti ngingundunankulu wesikhashana. Wangitshela ukuthi uzwe kukhona abebekhuluma, bethi beze kundunankulu wesikhashana.
“Lolu limi ngiyalwazi. Lapha esiShayamthetho lukhulunywa ilaba abangafuni ukwamukela lohulumeni ophethe. Abafuni ukwamukela ukuthi ithina esiphethe nokuthi sizohlala iminyaka emihlanu sihola, sisebenzela abantu baKwaZulu-Natal.”
Uhulumeni waKwaZulu-Natal wakhiwe amaqembu abeyinkukhu nempaka ngaphambi kokhetho, i-IFP, ANC, DA ne-NFP.
UNtuli uthe basebenzisana kahle kuhulumeni wokubambisana, wathi uhulumeni owakhiwe ila maqembu awuyi ndawo.
“Labo abanethemba lokuthi lohulumeni uzobhidlika, abakhohlwe. Thina siyayazi into esangena kuyona. Asingenanga kuhulumeni wokubambisana ngoba nakhu sijahe izikhundla. Indlela abantu abavota ngayo iyona eyenza ukuthi kube nohulumeni wokubambisana. Ukuze ukwazi ukuphatha uhulumeni wesifundazwe kufanele ube nezihlalo ezingaphezu kuka-50%. Akekho lapha esiShayamthetho onezihlalo ezingaphezu kuka-50%.
“Indlela abantu abavota ngayo yasinika ithuba lokuthi sixoxe, sibuzane ukuthi wena uyafuna yini ukuba kuhulumeni wokubambisana. Ongasondelanga, wawungeke umphoqe ngoba wayenesizathu sokungasondeli.”
UNtuli unxuse abantu ukuba baqaphele ukungadukiswa ilabo abakhetha ukungabi ingxenye yohulumeni wokubambisana.
“Akekho okufanele ayogovuza abantu ngaphandle, athi akube neziteleka zonke izinsuku. Kufanele sihlangane, sibatshele labo abafuna ukusigovuza ukuthi kade sadlula okhethweni. Manje sekuyisikhathi sokusebenzela abantu.”