KUMELE basukume abantu besifazane bafune usizo, bangahlali balindele ukutshelwa ukuthi yiliphi ithuba abavulelwe lona.
Lona wumyalezo kaNksz Thembekile Ndlovu woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, awedlulise izolo ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ukuqala kwezinhlelo zokugubha inyanga yabesifazane, emcimbini obuseThekwini.
UNksz Lindiwe Mkhonza, owabesifazane osemkhakheni ongajwayelekile wokushintsha ezimbiwa phansi zibe yimikhiqizo elungele ukusetshenziswa iGilgamesh, uthe emkhakheni wokukhiqizwa kukawoyela negesi abantu besifazane bangu-20%, kowokukhiqizwa kukagesi kusetshenziswa ilanga noma umoya bawu-14%, kwa-Eskom bangu-31% okusho ukuthi kusamele kube nezinhlelo zokubengeza kule mikhakha.
UNksz Ndlovu uthe kule mikhakha akuvamile ukuthi kuthiwe kunethuba elivulelwe abasifazane kuphela, amathuba avulelwa abenza umsebenzi kangcono ngakho kumele abesifazane babhukule.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli, uNksz Lindiwe Zulu, obemele uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, uNgqongqoshe woMnyango wabesiFazane, iziNgane nabaKhubazekile, uthe kuningi osekwenziwe ukuthuthukisa abantu besifazane selokhu kwangena uhulumeni wentando yabantu. Wathi kusekuningi okusamele kwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi abesifazane bayayithola indawo yabo.
"Konke esikubonayo namhlanje, abesifazane bakulwela, akuzanga kalula. Phambilini abesifazane babengavumelekile ukuba yingxenye yokuthatha izinqumo emihlanganweni yepolitiki. Akukona kwipolitiki kuphela lapho abesifazane bekumele balwe kodwa yonke imikhakha ngoba bekwaziwa ukuthi indawo yomuntu wesifazane isekhishini.
“Namhlanje sibona abesifazane sebekwazi ukuba ngoNdunankulu njengoba uNkk Nomusa Dube-Ncube engowokuqala wesifazane ukungena kulesi sikhundla kulesi sifundazwe," kusho uNksz Zulu.
UNdunankulu uNkk Dube-Ncube uvumelane nonongqonqoshe wathi, ukungena esikhundleni esinjengalesi akulula.
"Amadoda ayahamba ayodlala igalofu, kulowo mdlalo kulapho izinqumo ezinqala zithathwa khona. Abesifazane abayi kulo mdlalo," kusho uNkk Dube-Ncube.
Uqhube wathi abesifazane kumele bangagcini ngokubamba iqhaza kuleli kodwa babheke amathuba akhona nasemazweni abambisene kwiBRICS.
"Engqungqutheleni ezobanjwa kuleli kuzosayinwa izivumelwano zokuhwebelana, abantu besifazane kumele babe yingxenye. Bangavumi ukuqolwa ngabantu abazogijima kuqala bathi banayo imikhiqizo kanti bazothatha imikhiqizo kwabesifazane bayidayise ngemali enkulu kulamazwe," kweluleka uNdunankulu.