IHLALA ekuqaleni kwenyanga ezayo ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANCYL KwaZulu-Natal, njengoba obudala baphelelwa yisikhathi.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi umbuthano uzongena ngoSepthemba 2, eThekwini, nakuba kusabhekwa indawo kodwa kungase kube yi-ICC.
Kuhlala le ngqungquthela nje, ngenyanga edlule i-ANC KwaZulu-Natal ibikhetha ubuholi obusha lapho kuqokwe abaningi ababengabaholi ohlakeni lwayo lwabantu abasha.
Ubuholi be-ANC Youth League esifundazweni buhlakazwe ngonyaka odlule ngesikhathi kuvuselelwa izinhlaka zikaVukayibambe, ezilungiselela ingqungquthela kazwelonke. Okhulumela uhlaka lwesikhashana lwe-ANCYL kuzwelonke uNksz Sizophia Mkhize, uqinisekisile ukuthi ingqungquthela iyangena ngenyanga ezayo.
Ubuholi obahlakazwa bebuholwa nguMnuz Kwazi Mshengu, kwesikasihlalo bese kuba nguMnuz Thanduxolo Sabelo kwesikanobhala. UMshengu usanda kwesula kwesokuba wungqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal kanti uSabelo uyikhansela le-ANC kuMasipala weTheku.
Umthombo uthe umbango wezikhundla awushubile kangako ngoba ababaningi abagaqele izikhundla ezimqoka kodwa amagama aseqalile ukuvela. Kumanje kuthiwa igama eliphambili kwesikanobhala, elikaMnuz Qiniso Mnguni onguNobhala we-ANCYL esifundeni, iHarry Gwala.
Uma ephumelela uMnguni, kuzobe kusho ukuthi iHarry Gwala ihlomulile futhi ngokukhipha abaholi besifundazwe ngoba noNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, udabuka khona. Kwesikasihlalo we-ANCYL esifundazweni kuthiwa kuhamba phambili igama lowesifazane UNksz Nqobile Gumede. Ukungena kwakhe kungaba wukuqopheka komlando ngoba kungabe kungokokuqala ukuthi uphiko lwabantu abasha kuKhongolose, luholwe ngowesifazane esifundazweni.
Ukuhlala kwezingqungquthela ze-ANCYL ezifundazweni kusho ukujiya kwamalungiselelo engqungquthela kazwelonke eyagcina ngoSepthemba 2015 eMidrand, eGauteng. Ubuholi obakhethwa bahlakazwa kwase kuqalwa amalungiselelo engqungquthela.