Izithombe zemicimbiBEKUQHUMA umkikizo uNksz Samkelisiwe ebopha ifindo likasofasilahlane nesinqandamathe sakhe saseHigh School, uMnuz Andile Mantambo baseNewlands East, eThekwiniKUBE yintokozo uNKSZ Thando BS Gumede (29) ongumsunguli wesikole sasemakhaya esizimele futhi esigxile ezifundweni zeSayensi, ezobunjiniyela nezobuchwepheshe eHluhluwe, i-BSG and Technologies Combined Primary, emukela ithimba loMnyango wezeMfundo e-KZN ebeliholwa nguNgqongqoshe wezeziMali kulesi sifundazwe ngesikhathi livakashele esikoleni sakheBEBEVUNULE beconsa othisha baseNkosithandile Secondary esigodini saseMkhandlwini, oBuka eMpangeni, ngesikhathi kuvalwa inyanga yamagugu. Kwesokunxele nguNkk Ayanda Zungu, Nkk Nqobile Biyela, Nkk Angeline Makhoba, Nksz Philile Ntlebi noNksz Celimpilo MkhizeBEKUKUHLE kudelile uMnuz Sphelele Khambule embesa uNksz Thulisile Khuzwayo eMzumbeBEZIBUYA uNksz Lindiwe Msomi enzelwe ibaby shower ngabangani bakhe eNokusho Guest House eMbumbulu BEKUSINDWE ngobethole kugcotshwa ngokusemthethweni induna uMnuz Nhlakanipho Mthembu yaseNtokozweni igcotshwa yinkosi Mqoqi NgcoboIVALWE ngegiya eliphezulu inyanga yamagugu ngomama bomhlangano kaSt Anna eSt Mary's Parish, bebeyingxenye yomcimbi wamakhono obukuyo leParish ngoSepthemba 25, 2023UBUMUHLE umembeso kaNksz Ntombenhle Mbambo embeswa nguMnuz Qalo Ngubane, umembeso ubusuka eHammarsdale uya KwaMgayi eMzinto BEKUYINDUMEZULU bebopha ifindo likasofa silahlane uNkk Nomsa Mathebula noMnuz Sbusiso Mathebula eModderfontein Park, eGautengBEZIWUSHAYA kuMnuz Mfanukhona Mkhwanazi nesinqandamathe sakhe uNksz Khishiwe Mthethwa eDumbeBEBEYIBHIKLA ingoma uMnuz Sipho Msayi Nkwanyana egcagcelwa uNksz Bazothini Nzama ngempelasonto KwaMaphumuloINJABULO ibibhalwe ebusweni kuNksz Sbahle Zulu obenzelwa umcimbi wokuqeda iminyaka engu-21 eNgwelezane ngoMgqibelo, uhalaliselwa ngunina uNkk Ntombifuthi ZuluBEZIBUYA kwaHlongwa KwaMaphumulo kwemula uNksz Nobuhle Hlongwa ngeSonto Izithombe: ZITHUNYELWEShare this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:‘Amacala amaningi ahlelwa iziboshwa ezisemajele’