UKUGCWALA ngokweqile kwamajele kuleli kwenza iziboshwa zilale zibe yisipatolo, zihlanganise imibhede zilale ngantathu emibhedeni engabe ilala abantu ababili.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo weKomiti lezokuHlunyeleliswa kweziMilo ePhalamende, uNksz Kgomotso Anthea Ramolobeng, ekhuluma esithangamini nabezindaba eKapa ngezinhlelo abazozenza kulo nyaka.
“Kumele ngikuveze ukuthi amajele agcwele ayachichima. Into oyifica laphaya, awuyifiseli umuntu omaziyo. Izibalo ziveza ukuthi kumele ngabe imibhede ingu-107 346 kodwa isibalo singaphezu kwalokhu njengoba singu-167 300,” usho kanje.
Uthe lezi zibalo ezangonyaka odlule kanti azikathulwa ePhalamende.
Udalule ukuthi abokufika ababoshiwe bangu-22 600, kanti ababalelwa ku-600 bagwetshwe udilikajele.
“Sineziboshwa ezingu-55 700 ezisalinde kuqulwe amacala azo. Kulaba kunabanye abahluleka ukukhokha imali yebheyili, abanye kumele bakhokhe u-R500 kanti abanye ngu-R1 000.”
Uthe uMnyango uchitha cishe u-R500 ngosuku wondla isiboshwa ngasinye.
“Kumele kubekwe eqhulwini amalungelo abantu noma kuthiwa baboshiwe. Iziboshwa zidla kathathu ngosuku, kanti awukwazi ukuthi uzongaziphakeli ngoba uthi ziboshiwe,” kuqhuba uNksz Ramolobeng.
Uthe bazovakashela emajele ehlukene okubalwa neWestville, beyohlola isimo.
Usho kanje emva kokuba ethe bathola izikhalo ngoDisemba ngokuthi kunenkinga yokuphakelwa kweziboshwa.
“Saze sathumela ilungu lekomiti elihlala eThekwini, ukuyothola isiqiniseko sokuthi ezazikhala ngakho kwakuyiqiniso. Ngathola nencwadi ivela eziboshweni ezazikhala ngokuthi azikutholi ukudla kwazo kathathu ngosuku njengoba kumele zikuthole ngokusemthethweni,” usho kanje.
Uthe bazovakashela leli jele ngoba bafuna ukuthola ukuthi kungani bezingakutholi ukudla kwazo kathathu ngosuku.
Ukhale nangokungena kwezinto ezingafanele emajele athe lokho kuyabakhaza beyikomiti.
Ukhombe ngenjumbane abanye abasebenzi bomnyango, wathi bayingxenye yomkhonyovu wokushushumbiswa kwezinto ezifana namaselula nokunye emajele.
“Kunokusebenzisana phakathi kweziboshwa ezisuke zigqunyiwe nabasebenzi bomnyango okuyibo abafaka izinto ezingafanele emajele. Cishe amatulo amaningi okubulala neminye imikhonyovu yenziwa yiziboshwa ezisemajele. Sifuna umbiko ogcwele emnyangweni ukuthi ikuphi ozokwenza ukunqanda isihlava sokushushumbiswa kwezinto emajele,” usho kanje.
USihlalo weKomiti lezamaPhoyisa, uMnuz Ian Cameron, ukhale ngophiko lwabaqapha umengameli nephini lakhe wathi bazenzela umathanda njengoba behlale bethinteka ezehlakalweni zokuhlukunyezwa komphakathi.
Uthe lolu phiko luyihlazo ngisho kwabanye ozakwabo emaphoyiseni ngoba luzibona lungaphezu komthetho.