Izithombe zemicimbiBEBEHLOBE bebahle ngesikhathi uNksz Gcinile Fezile Khanyile ebopha ifindo likasofa silahlane noMnuz Thanda ‘Mnikaziwempuphu’ Chonco eShayamoya kwesaKwaMthethwa Isithombe: SITHUNYELWE BAGODUKE nezipho ngesikhathi intsha yaseCornubia incintisana kowonobuhle kuMiss Cornubia. Umcimbi ubuhlelwe ngenhloso yokugqugquzela ukuziphatha kahle nokuzithemba kwentsha yendawo Isithombe: SITHUNYELWE BEBEVUNULE becosha emcimbini wokukhehlwa kukaNksz Mandisa Ngubane, ekhehlwa nguMnuz Dumisani Mazibuko. Umcimbi ubuseHlathikhulu, eMahlabathini Isithombe: SITHUNYELWE BEKUYINJABULO yodwa uMnuz Sphamandla Khanyile eshadelwa yintokazi, uNksz Zama Magubane yaseHammarsdale. Kuqale kwaba nombondo, umakoti wabela abasemzini, base beya esigcawini, bagcina ngokubusiselwa izindandatho Isithombe: SITHUNYELWEBEKUSINDWE ngobethole kugujwa iminyaka ewu-60 kaKapteni Sisho Jili waKwaThathane eHighflats. Lapha uthathwe nomkakhe noMfundisi wabo uRev P Buso Isithombe: SITHUNYELWE BEKUBUSWA emkhehlweni kaNksz Nontuthuko Mngadi KwaNoshungu eMthunzini, ekhehlwa nguMnuz Bheki Sikhosana wasePiet Retief. Ngaphambi ngomkhehlo kuqale umembeso kwalandela ukuhlanganiswa kwabo Isithombe: SITHUNYELWE KUBE wusuku lwenjabulo emkhehlweni kaNksz Nontuthuko Mngadi KwaNoshungu eMthunzini, ekhehlwa nguMnuz Bheki Sikhosana wasePiet Retief. Ngaphambi ngomkhehlo kuqale umembeso kwalandela ukuhlanganiswa kwabo Isithombe: SITHUNYELWE BEKUKUHLE kudelile kushadelwa uMnuz Sbonelo Mkhize nguNksz Nozipho Msani eJolivet. Esithombeni ngabakhaphi bakamakoti oNksz Nomthandazo Mfeka, Lindelwa Msani, Nonzuzo Shezi, Sthembele Vezi Isithombe: SITHUNYELWE BEKUKUHLE kudelile kushadelwa uMnuz Sbonelo Mkhize nguNksz Nozipho Msani eJolivet Isithombe: SITHUNYELWE UMNUZ Mandla Phungula kwesobunxele wemukeka isipho sosuku lokuzalwa kuMnuz Bheki Phungula. Umcimbi ubuseReservoir Hills eThekwini Isithombe: SITHUNYELWE BEKUKUHLE kudelile kushada uNksz Sanelisiwe Phungula noMnuz Senzo Nxumalo baseNtshongweni, ngasePinetown Isithombe: SITHUNYELWE BEZIWUSHAYA kuNksz Nokubonga Mdletshe noMnuz Sphamandla Khumalo eNdwedwe Isithombe: SITHUNYELWE BEKUKUHLE kunje kushada uNksz Mandisa Nxumalo noMnuz Senzangakhona Myeza eMbhava ngaseMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELWE Share this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:‘Kuzoba nomthelela ongemuhle kwelikaMeyiwa ukushona kommeli’