UMSAMO: IDWALA LAPHAKADE
Kuloba uVelaphi Ka Lu Phuzo 'VVO' Mkhize
Umbuzo omkhulu okufanele abantu abangomakhosi bazibuze wona uma sebethwasile bemukela umsebenzi wethongo nedlozi kodwa kulokhu kunezinkinga noma umsebenzi ugcine usumfifa, kusuke sekwenzenjani. Angiqonde kuthi uma umuntu amukele umsebenzi wethongo sekufanele konke kuhambe kahle kungabi khona lutho oluvelayo, ngoba naye ungumuntu. Kodwa kubonakala esikhathini sanamhlanje sekuyinsakavukela ukuthi ubone isangoma sinesigodlo, usuyabona sesithi siyohlola komunye umakhosi ngoba izinto zingahambi kahle kumbe kunezinkinga ezimqaqele.
Omunye athi ngangisebenza, angazi kwavalekaphi. Omunye abe nempendulo esheshayo, ethi ngavalwa kumbe kwathathwa idlozi lami.
Ziningi izinto eziyizinkulumo ezingekho lapha ekwelapheni abantu abakholelwa kakhulu kuzona ngoba bengafuni ukuvuma ukuthi yibona abona umsebenzi. Okokuqala, kunabantu abaqhakambisa ukuvalwa kwethongo, omunye ithongo lathathwa. Uzwe isangoma kumbe ithwasa likhuluma lithi: sengathi ngingathatha ithongo lakhe ngisebenze ngalo.
Yizona zonke lezo izinkulumo ezingamampunge ngomsebenzi wedlozi.
Okokuqala, uma uthwasa idlozi lisuke lazi konke okuzokwenzeka futhi noma yiliphi idlozi liyakhuluma nawe likubonise. Baningi abantu obezwa bethi ngithe ngisekuthwaseni kwafika ikhehla kumbe isalukazi sathi sesiyahamba thina lapha ngoba kudlalwa ngathi, kokunye ayikho le nto esenziwa yona lapha.
Kokunye izinkanjana lezo omiselwe zona zivele zibole zinuke, kumbe zigcwale izimpethu. Umuntu ke aze athi uvaliwe kumbe kwantshontshwa idlozi, kusukela lapho ekungalandeleni izinkulumo zethongo ngomsebenzi walo.
Ngiyazi bakhona ogobela elithi ithwasa lingena ephehlweni libe liluqanduqandu idlozi lizisholo lona ukuthi akwenzekeni, bese ugobela ehlanganisa athake izinto ezizobopha idlozi lehle izinga lokuzikhulumela.
Lokho kukhona. Okwesibili, nawo amathwasa adinga ukugadwa ngoba agangile futhi angcolile ngoba ayathengeka ukuthi enze izinto ezingasile esigodlweni sikagobela kumbe kumakhosi bese izinto ziyonakala.
Lokhu kushaya kakhulu ogobela abangamavila abahlale bethumela amathwasa ukuthi alokhu eyobenzela izinto esigodlweni, kanti selizoganga. Lokho kuganga ulithwasa okwenza uthunyiwe ukuyothwasa yikhona kanye okugcina sekuvala umsebenzi wakho usuphothulile.
Izinto okuyizona ezidala ugobela abe nezinkinga izinto ezifana nalezi: ukunganaki izibonakaliso namaphupho ngoba usuthi wena usuyasebenza uluqweqwe lwenyanga, ukwenza izinto ezingafanelike esigodlweni, isikhathi esiningi uzitshela ukuthi umsebenzi owakho kanti akuwona owakho, nokuthi uwena othwasile.
Okunye kuba wukuthi uma ungowesifazane usuganile, kukhona okusuke kusalile okufanele wenzelwe khona emzini. Isikhathi esiningi izinkinga ogobela bazidalela bona ngokungaqondi ukuthi le nto aphathiswe yona iyini nokuthi ekabani, ofuna iphathwe ihlonishwe kanjani. Ukuzazi nokuzigqaja nokuziphakamisa kogobela abaningi, abantu bathi befikile kodwa alokhu ezelula uzwe kuthiwa umama kumbe ubaba usalele, uzoqala ngesikhathi esingukuthi, lapho abantu sebeyolinda undendende ngoba behluphekile, ngenye yezinto esingayinaki ekudalekeni kwezinkinga.
Okunye-ke okuyikhona kuyinkinga kakhulu, kuya nokuthi ngenkathi uthwasa wanikezwa impande okuyiyona yini. Namhlanje sekulula ukuzwa umuntu ethi woza kimina, ngizokumisela ukhaba olungukuthi uzobona ozosebenza manje, usibanibani uyakubambezela. Ilapho idlozi likhushulwa khona ngemithi efana nomadlozana, omdlandlovu, nomkhanyakude kuthiwe idlozi liyakhushulwa uxakeke ukuthi beliyifunile yini leyo mpande. Inkinga ukwenza into kungashilo idlozi nabaphathi balo, sizicabangele thina. Kulapho usuyamuzwa umuntu usegabisa ngokuthi unamathwasa angaka, esho ebala, sengathithi ukuthwasisa yikona okuchaza ukuthi uluhlanya lwangempela. Kwakhona ukuthwasisa kwakungeyona into eyayenziwa yinoma ngubani. Umuntu ngokukhula kwedlozi lakhe laliyalela ukuthi phathiswa ukuthwasisa manje. Namhlanje sekwaziwa ukuthi uma uke waphothula sekufanele uthwasise, okuyikhona lokhu okwandisa izinkinga umuntu esesebenza umsebenzi wedlozi.
Ukuthi inyanga ayizelaphi kwakungashiwo ukuthi uma umakhosi enezinkinga akahambe eyohlola komunye, kwakuqondwe ukuthi yilowo nalowo wabelwe okwakhe, okothi uma edinga angabelwe khona ayothekela kulowo onakho.
NANSI INDABA
Baningi abahlale bethi baphakamisa abalozi nezithunywa, bebe bengaqondi nokuthi yini yona leyo.
Bhedlindaba: (033) 5691317/0797471911/0728792001