UMGCINIMAFA we-ANC omusha, uDkt Gwen Ramokgopa, uhlalelwe wumqansa ongenyukwa mbongolo wokusiza inhlangano enkingeni yezezimali ebhekene nayo. UDkt Ramokgopa ube ngowokuqala wesifazane ukukhethelwa esikhundleni sikaMgcinimafa engqungqutheleni ebihleli ngoDisemba, eNasrec, eGauteng. Uthatha izintambo kuMnuz Paul Mashatile okhethelwekwesephini likamengameli wenhlangano.
Umgcinimafa omusha uhlalelwe wumqansa ngoba izinkinga zemali beziyihleli kubhongwana i-ANC kulo nyaka,yaze yehluleka ngisho wukukhokhela abasebenzi bayo imiholo yabo yanyanga zonke. Abasebenzi be-ANC ekomkhululayo, iLuthuli House, bake baba nemibhikisho neziteleka befuna amaholo abo bethukuthele beveva.
I-ANC uma iphawula ngale nkinga ithi umthetho omusha olawula ukuxhaswa kwamaqembu ezombusazwe uyihlinzele ezibini, yabalekelwa ngabaxhasi. Umthetho omusha uyalela amaqembu ukuthi anekele izwe amagama alabo abawaxhasa ngemali kuphinde kudalulwe nesamba semali esukesifakwe yilowoonikelayo.
Lokhu kudale ukuthi abantu abaningi abebenikelela i-ANC bathi nyawo zami ngibelethe bebaleka ngoba bengafuni ukwaziwa ukuthi bafaka imali kwi-ANC. Lo mthetho kuhloswe ngawo ukugwema inkohlakalo okuthiwa ibidla lubi ikakhukulukazi enhlanganweni ebusayo. Ngesikhathi kuhleli ikhomishini ebiphenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso, kwavela izinsolo ezithi abebethola amathenda kuhulumeni bebekhokha imali ethile kwi-ANC.
Izinkinga ze-ANC zidlobe kwaze kwavela nokuthi ikweleta umqoqi wentela i-South African Revenue Services (SARS). Kuke kwavela nezindaba zokuthi kungase kudliwe impahla yayo ukuze kukhokhwe izikweletu. I-ANC izithethelela ngokuthi yenza konke okusemandleni ukubhekana nesimo sokweswela imali ukuze ikwazi ukukhokhela abasebenzi bayo.Ukushoda kwemali kuphazamise nezinhlelo zokuhlala kwengqungquthela ye-ANC Youth Leauge eyayilokhu ikhonjwa kuthiwa izohlala igcine ibhuntshile.
UKhongolose usuvele uqalile izinhlelo zokuqoqa imali njengoba wenza imicimbi lapho osomabhizinisi bethenga khona izihlalo ukuze bahlale eduze nezikhulu zenhlangano. Esibiza kakhulu kuthiwa yileso esiseduze kwesikaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa. Umcimbi ozoba khona lapho kuzobe kuthengwa khona izihlalo uzoba ngoJanuwari 7, eFree State, kanti uzobe wendulela umgubho we-ANC wosuku lwayo lokuzalwa.
Ukwentuleka kwemali kuyiphosela inselelo i-ANC ukuthi iqhamuke nezindlela ezintsha zokwenza imali ngoba kuyacaca ukuthi uma kungenjalo izohlala ibalisa.
Ukuvela kwezindaba zokushoda kwemali kubonakale kuyehlisa isithunzi i-ANC njengoba bekuhlekiswa ngayo ezinkundleni zokuxhumana.