LUQALE ngezinkinga uhlelo lokuphakela abafundi ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal izolo, njengoba kungadliwanga ezikoleni eziningi ngenxa yezinkinga zokungafiki kokudla, kwezinye kufike ukudla okungaphelele.
Bayaveva othishanhloko bezikole okudingeke basheshe badedele abafundi ukuthi bagoduke ngenxa yokuthi ukudla akukho.
Abaphakela izikole badinwe bayaveva ngendlela okushintshe ngayo izinto ngomzuzu wokugcina njengoba sekuthiwa bazolanda kuphela ukudla ezindaweni ezihlonzwe ngumnyango bese bekuhambisa ezikoleni.
Phambilini ukudla bekuthengwa ngabaphakayo bese bekuhambisa ezikoleni ukuze kuphekwe.
Omunye wabaphakela izikole ocele ukungavezwa ngoba esaba ukuphucwa iqatha emlonyeni, uthe bathole ama-sms ukuthi abalande ukudla ngo-6 ekuseni ePinetown.
Uthe bafike amaloli abebezolanda kuwo ukudla engekho, athi uma efika kwafika encane ebilethe ukudla.
“Kuleli loli sinikwe i-rice, isobho elincane, impuphu eyodwa nesaka lika-anyanisi, amafutha, igesi nezinye izinto eziningi bezingekho. Bengifike ngithi ngizolanda ukudla okuningi ngoba abafundi engibaphakelayo bangaphezu kuka-1 000.
“Ngifike esikoleni uthishanhloko walwa nami, ethi ngidlala ngabo ngoba angikwazi ukuletha i-rice elilodwa. Sicikekile, sicabanga nokulaxaza amathuluzi ngoba kudlalwa ngathi. Besazi ukuthi sizothenga ukudla njengoba bekwenza abanye, bese sikuhambisa ezikoleni kodwa manje sitshelwe ukuthi sizokulanda sikuhambise.”
Uthe abanye abebezolanda ukudla bahambe bengaphethe lutho ngoba ukudla kuphelile wathi kwezinye izindawo akufikanga nhlobo.
Omunye wothishanhloko wasoPhongolo, ocele ukungavezwa ngoba engagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe inkinga iqale ngokuthi bangaziswa ukuthi ngobani abazophakela izikole njengoba kuqokwe abasha abaqale kule nyanga.
Uthe ukudla akufikanga ezikoleni wathi kudingeke badedele izingane ebezikhala.
“Bekubuhlungu sekumele sisheshe sidedele abafundi ngoba ukudla kungekho. Bebekhala ubona ukuthi bayakudinga ukudla. Yihlazo le nto eyenziwe ngumnyango. Ukudla akufikanga nhlobo ezikoleni zasoPhongolo. Kusasa (namhlanje), kuyacaca ukuthi ngeke kudliwe njengoba size savala isikole ukudla kungafikile.”
Imizamo yokuthola abakhulumela umnyango, oMnuz Sihle Mlotshwa noMuzi Mahlambi, ayiphumelelanga izolo nemiyalezo abathunyelwe yona abayiphendulanga.
Kodwa incwadi Isolezwe elinayo ebibhalelwe othishanhloko izolo ngale nkinga, iveze ukuthi kube nokuphazamiseka kulowo othole le thenda ukuze kulandwe ezikhungweni, kuyiswe ezikoleni.
Ithe lokhu kuphazamiseka kuzokwenza ukuthi kwezinye izikole kuphuze ukufika, kwezinye kungafiki nhlobo okuzokwenza ukuthi kungadliwa.
“Ezikoleni okuzoshaya u-8 kungafikile ukudla, kumele kusetshenziswe okwasala ekoteni edlule. Izikole kumele zilungiselele abafundi noma yini ukuze bangalambi.”
Ixolisile kulabo abaphazamisekile ngokubambezeleka kwalolu hlelo.
Umyalezo othunyelelwe abazolanda ukudla ngumnyango uveze ukuthi bazokuthatha ngaphandle kwezitolo hhayi ngaphakathi njengoba kufike kushiywe amaloli, bese benikwa khona ukuze bakuyise ezikoleni.