UNYAKA uqale ngezindaba ezimbi kubasebenzi njengoba kuzodilizwa inqwaba kule nyanga ezimbonini ezehlukene.
Izinkampani neminyango kahulumeni bazodiliza izinkulungwane zabasebenzi ekupheleni kwenyanga.
Isikhondlakhondla senkampani yensimbi, i-ArcelorMittal, sizodiliza abasebenzi abangu-3 500, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uzodiliza izinkulungwane zabasebenzi.
Ukudilizwa kwabasebenzi kuzoshaya kuzwele kakhulu KwaZulu-Natal njengoba iningi labasebenzi abazodilizwa i-ArcelorMittal kungabaseNewcastle.
Nakulabo abazodilizwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kukhona inqwaba yalapha KwaZulu-Natal.
Umnyango uzodiliza inqwaba yabasebenzi abangaphansi kohlelo lwemisebenzi yomphakathi.
Abasebenzi abazodilizwa umnyango ilabo abaneminyaka engaphezu kuka-55.
Umnyango uthe lesi sinqumo usithathe emva kokwehliswa kwesabelomali sawo ngo-R400 million.
Ngaphansi kwalolu hlelo kuqashwe abasebenzi abangu-255 000, akucaci ukuthi bangaki abaneminyaka engaphezu kuka-55.
Kubasebenzi abangu-3 500 abazodilizwa i-ArcelorMittal, abangaphezu kuka-2 000 basebenzela eNewcastle, abanye abazodilizwa basebenzela eVereeniging, eGauteng.
I-ArcelorMittal ikhiqiza insimbi esetshenziswa uma kwakhiwa noma kubiywa.
Le nkampani ithe izovala olunye uphiko lwayo ngenxa yesimo somnotho esingesihle, ukungabi khona kwezitimela zokuthutha impahla, ukuhlupha nokubiza kukagesi.
Sikhulu isililo kwabaseNewcastle ngokudilizwa kwenqwaba yabasebenzi.
UNksz Thabisile Thwala, waseMadadeni, uthe i-ArcelorMittal ibibambe iqhaza elikhulu ekuxosheni indlala endaweni yangakubo.
“Thina sikhule kuyiyona nkampani enkulu lapha endaweni. Abazali bethu bebesebenza khona. Miningi imindeni ebiphiliswa yile nkampani. Wonke umuntu ubefisa ukusebenza khona.”
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe ukudilizwa kwenqwaba yabasebenzi ophikweni oluseNewcastle kuzophazamisa ukukhula komnotho wakule ndawo.
“I-ArcelorMittal ingenye yezinkampani eziqashe abantu abaningi eNewcastle futhi iyinsika yomnotho endaweni. Imindeni eminingi incike kule nkampani. Ukudilizwa kwenqwaba engaka kuzoshaya imindeni eminingi.”
UZondi uthe usebhalele uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Parks Tau, ecela uhulumeni kazwelonke ukuba ungenelele kulolu daba.
“Ukudilizwa kwabasebenzi akuzukukhinyabeza nje kuphela umnotho waseNewcastle kodwa kuzophinde kukhubaze umnotho wesifundazwe nozinzo. Sinxusa ungqongqoshe ukuba azame ngakho konke okusemandleni akhe ukunqanda le simo.”
Izinyunyana zabasebenzi namaqembu ezepolitiki bazwakalise ukukhathazeka ngezinhlelo zokudilizwa kwabasebenzi.
UNobhala Jikelele wenyunyana yabasebenzi bensimbi, i-Numsa, uMnuz Irvin Jim, ugxeke uhulumeni ngezinkinga ezikhungethe i-ArcelorMittal.
UJim uthe sekunesikhathi eside i-ArcelorMittal inezingxoxo nohulumeni lapho bekuxoxwa ngezinkinga eziyikhungethe.
“Mhlawumbe ihhovisi likamengameli kufanele lisitshele ukuthi yini lena eyenza ukuthi lihluleke ukuthola isixazululo kule ndaba.”
UJim uthe bayaphikisana nokuthi kudilizwe abasebenzi.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bafuna kushaywe umthetho ozovimba ukuba kungene kuleli impahla yensimbi eshibhile ekhiqizwe emazweni angaphandle.
Ilungu le-ActionSA, uMnuz Alan Beesley, lithe ukudilizwa kwabasebenzi kukhombisa ngokusobala ukwehluleka kukahulumeni ophethe ukulungisa izinkinga eziphazamisa ukukhula komnotho.