SEZIPHILA ngokungawashayi amathoyilethi ziphinde zeqise izinsuku zingagezi iziboshwa ezivalelwe ejele laseNcome, eVryheid.
Lokhu kuza emva kokuqhubeka kwenkinga yamanzi kuleli jele, okuvela ukuthi yaqala ngasekupheleni kukaFebhuwari, kufa i-pump yesiphehlimanzi sangaphakathi ejele.
Isolezwe likhuluma nesiboshwa esicele ukuthi igama laso lingadalulwa, sithe akulona iqiniso okushiwo uMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo, ukuthi inkinga yamanzi isixazululekile.
“Namanje amanzi awekho. Siphila ngokuthi siyowakha elolini lamanzi elifika njalo ekuseni. Inkinga kuba ukuthi amanzi eliwalethayo avele aphelele endleleni, ziningi iziboshwa,” kusho umthombo.
Uqhube wathi uma esephelile amanzi elolini, alibe lisathunyelwa elinye, ukuze zonke iziboshwa zigcine ziwatholile amanzi.
Uthe bagcina bephoqeleka ukuthi bayowakha edamini elingaphakathi ejele, bawasebenzise ewudaka enjalo.
“Inqwaba iphethwe yizisu ngenxa yalokhu, abanye sebeze baba notwayi,” kusho umthombo, othe lesi simo siyabakhathaza ngoba ezinye zezifo ziyathelelana.
Udalule ukuthi kuvimbanise iphunga ezitokisini, njengoba sebevele bangawashayi amathoyilethi, bonga amanzi abawathola kanzima, ukuze bawaphuze.
“Asisazixaki ngokugeza zonke izinsuku. Umuntu weqisa izinsuku ezimbili, ezintathu, engagezi kanti leso simo asifanele ngoba njengoba kukhona abaphethwa utwayi, futhi siminyene, kusibeka engcupheni yokuthi sigule,” usho kanje.
Uveze nokuthi kwazitsha abadla ngazo, sebezisula ngama-toilet paper ngaphambi kokuthi bayophaka.
“Nayo siyisebenzisa ezintweni eziningi, iyinye isula izitsha eziningi ngoba uma singayimosha, sizoba nenkinga yokungasuli ngalutho uma sizikhulula,” kubalisa umthombo.
Uthe okubaphatha kabi ukutshelwa izinto ezehlukene abaphathi bejele njengoba ethi abanye babatshela ukuthi isilungisiwe inkinga ye-pump, amanzi asezobuya maduze, abanye babatshela "iqiniso" lokuthi namanje isafile, futhi kusazothatha izinyanga ukuthi ilungiswe.
Phambilini okhulumela umnyango, uMnuz Thulani Mdluli, wayethe ukuphampwa kwamanzi kwiziqukathi zejele kwama ngoMashi 5 ngenxa yokufa kwe-pump.
Nokho wathi inkinga isilungisiwe, njengoba kufakwe i-pump entsha ngoMashi 25, 2025, ngaleyo ndlela ukusebenza kwamanzi sekubuyele esimeni esijwayelekile.
Waveza ukuthi ngesikhathi kusenale nkinga, izikhulu beziqinisekisa ukuthi iziboshwa nojele bayalethelwa amanzi nsuku zonke.
Wathi ayikho imibiko ngokugula kweziboshwa abayitholile nokuyinto ebibhekwa nsuku zonke.