WAMUKELWE ngezeluleko ezijulile umfundisi omusha ceke webandla lamaWeseli, obamukelwa ngokusemthethweni ngeledlule eDobsonville, eSoweto, uMfundisi Akhona Masiza (33).
Enkonzweni ebiseDobsonville Methodist Church, uMfu Masiza, unikwe izeluleko nguzakwabo uMfundisi Sva Waqu ngokujula kohambo aluqalayo lobufundisi.
Udonswe ngendlebe ngendlela okumele aziphathe futhi ahole ngayo ibandla. UMfu Waqu ukugcizelele ukuthi ukungena kwakhe ebufundisini akuguquli impilo yakhe kuphela kepha kumele kuguqule futhi kuphucule impilo yamakholwa ebandla nawomphakathi.
“Akumele ube ngumfundisi ongaxhumene namakholwa nozohola ngendlela ezodala izinxushunxushu ebandleni. Ukuhola kwakho kumele kuliguqule ibandla ulithuthukise,” kweluleka uMfu Waqu.
Ebhekise ebandleni, uMfu Waqu uthe ukuthuthukisana emakholweni kubalulekile njengoba inkululeko yezomnotho ingaba khona uma amakholwa ebambisana ngokwemisebenzi namakhono awo.
“Osomnotho abakhona ebandleni kumele basisize baseluleke ngezinqumo nezindlela zokuthatha izikweletu ezingeke zisicindezele singabantu abamnyama. Ake sibe ngamakholwa imisebenzi yawo ezobonakala nangokulwela inkululeko yezomnotho,” kusho uMfu Waqu, intshumayelo yakhe ethinte abaningi.
Kule nkonzo uMfu Masiza wamukelwe nguMbhishobhi wesiFunda iNatal West, esiKwaZulu-Natal, uMbhishobhi Vuyo Dlamini njengoba uMfu Masiza ekhonjwe ukuyoqhuba umsebenzi webandla eSeketheni esePort Shepstone.
Uzoqala kule sekethe ngoFebhuwari wonyaka ozayo. Wamukelwe ebufundisini ngemuva kokuphothula ngamalengiso iziqu zobufundisi ezithatha iminyaka emithathu, ekolishi labefundisi baseWeseli eliseMgungundlovu, iSeth Mokitimi Methodist Seminary.