Abahlaziyi bezepoliti bathi uRamaphosa uhlulekile ukuchaza ukuthi i-ANC izozixazulula kanjani izingqinamba ezibhekene nabantu bakuleli, okukhona kuzo ukusweleka kwemisebenzi nenkinga kagesi.
NgoMgqibelo, uRamaphosa utshele izinkumbi zabantu akade behambele umgubho weminyaka ewu-112 kwasungulwa i-ANC eMbombela, ukuthi awabethusi amaqembu amasha epolitiki.
Uthe kuningi okuhle osekwenziwe yi-ANC selokhu yathatha uhulumeni ngo-1994, okubalwa ukwakhelwa kwabantu izindlu eziwu-4.7 million, ukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile, ugesi, izinsiza zempilo zamahhala nemfundo yamahhala.
Ubuye waveza ukuthi ngo-1994, babewu-8 million abantu ababeqashwe ngokugcwele kodwa manje sebewu-16 million.
Uveze ukuthi i-ANC iyabasiza abantu nangezibonelelo zikahulumeni njengoba bebalelwa ku-28 million abazitholayo uma sekufakwa nesibonelelo sikaR350 wabangasebenzi.
Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uRamaphosa vele uzothi akawesabi amaqembu amasha kodwa-ke unakho ukukhathazeka ngokuhlubuka kwabantu kwi-ANC.
Uthe kuhle ukuthi i-ANC kukhona umehluko ewenzile empilweni yabantu kodwa uRamaphosa akazange anike abantu ithemba lokuthi uhulumeni uzoyidala kanjani imisebenzi emisha, ikakhulukazi njengoba kungabantu abasha abahleli emakhaya.
“Njengamanje iNingizimu Afrika inenkinga yokunqamuka kukagesi. Ziyawa izimboni zikahulumeni ngaphansi koMbuso we-ANC. Osozimboni abazimele bakhala ngokuthi ukunqamuka kukagesi kuyabashaya, abanye sebediliza abantu. Bekufanele uRamaphosa asho ukuthi bazokwenzani ukudala amathuba omsebenzi amasha, angagcini nje ngokucela osomabhizinisi ukuthi bangadilizi abasebenzi,” kusho uKhumalo.
Uthe uRamaphosa nohulumeni ka-ANC abanawo amasu okuqeda inkinga kagesi kuleli ngoba bafuna ukuhlakaza i-Eskom kodwa abasho lokhu kuzoletha muphi umehluko ekuphehlweni kukagesi obekwenziwa yi-Eskom eyasungulwa eminyakeni ewu-100 edlule.
Ukhale ngokuthi i-ANC ibukela kuwa kwePosi, Denel, South African Airways, Eskom nezinye izinkampani zikahulumeni ebeziqashe inqwaba yabantu.
USolwazi Musa Xulu oyisazi sepolitiki nezimo zenhlalo, uthe yiqiniso elingephikwe ukuthi i-ANC iwulethile umehluko kubantu bakuleli ngokubakhela izindlu, ukuletha ugesi, amanzi, izinsiza zempilo nokunye.
Uthe kungakuhle ukuthi uRamaphosa nethimba lakhe baqale beze nezinhlelo ezicacile zokuthi izoqedwa kanjani inkinga kagesi bese kuqashwa nabantu abawaziyo umsebenzi wabo.
“I-ANC iyakwazi ukuthembisa abantu impilo engcono nezisombululo ezinkingeni ezithile. Inkinga yayo ayiqashi abantu abazokwazi ukufeza izithembiso zayo. Inkinga kagesi angiyiboni iphela ngoba akucaci ukuthi uhulumeni oholwa yi-ANC uhlela ukuyiqeda kanjani. Amathuba omsebenzi asazosweleka ngoba imfundo yakuleli ayibahlomisi abantu abasha ngamakhono adingekayo ezweni nasemhlabeni jikelele,” kusho uXulu.
Uthe imfundo yakuleli kufanele ishintshe ize nezifundo zobuchwepheshe nokunye okudingwa yizimboni.
Uphethe ngokuthi vele uRamaphosa awamqwashisi amaqembu amasha epolitiki ngoba umlando uveza ukuthi alikho eselike lathola amavoti adlula awe-ANC.
“Vele kuzoba wukhetho olunzima lolu kodwa amaqembu amasha awavamisile ukuthola amavoti ahlula awe-ANC. Kusukela kwi-UDM, Cope ne-EFF, wonke la maqembu awakaze ahlule i-ANC ngamavoti,” kusho uXulu.