Laphuma iqhina embizeni:
IQHINA wuhlobo oluthile lwenyamazane engangempunzi, ibomvu inezimpondo futhi ivame ukuhlala ehlanzeni. Imbiza yibhodwe okuphekwa nalo ukudla. Uma abazingeli sebeyivimbezele inyamazane basuke sebebalile ukuthi inyama isisembizeni bazoyidla.
Uma kwenzeka iphunyuka ibaleke bayakhala ngokuthi bese bezitshelile ukuthi iya eziko ngeshwa laphuma iqhina embizeni. Lokhu kuvame ukushiwo uma umuntu ephunyulwe yinto enhle kade esethembile ukuthi eyakhe.
Wamalahlisa okwenyongo yenyathi:
Inyongo yisitho esixhumene nesibindi phakathi kuyona kuphuma uketshezi olubabayo. Uma kuhlatshwe isilwane ekhaya, inyama yathelwa yinyongo echithekile, leyo nyama ayibe isadleka. Inyongo ibaluleke kakhulu uma kwenziwa umsebenzi ekhaya kukhulunywa nezithutha noma namadlozi.
Inyathi yisilwane sasendle esibukeka njengenkomo. Ngenxa yokuthi inyathi ayisiyona inkomo yize ibukeka njengayo, inyongo yayo ayisebenzi kodwa iyalahlwa. Uma umuntu ethi ulahilswe okweyongo yenyathi usuke esho ukuthi akanankiwe, uthathwa njengento engenamsebenzi walutho.
Ulwazi lucashunwe encwadini ka-Emmanuel phumani Zondi ethi Siphuza Emithonjeni Yokhokho