INHLANGANO enkulu yamatekisi, iSouth African National Taxi Council (Santaco), imemezele ukuthi izonyuka imali yokugibela amatekisi kusukela ngoJulayi 1.
UMnuz Mduduzi Makhunga, okhulumela iSantaco KwaZulu-Natal, uthe imali inyuka kanye ematekisini yize izindleko zokuphila eNingizimu Afrika zinyuka nyanga zonke.
Uqhube wathi kwahlalwa phansi kwavunyelwana kwiSantanco ukuthi imali yokugibela inyuke kanye ngoba imboni yamatekisi icabangela umphakathi onganyuselwa amaholo.
“ISantaco iyawuzwela kakhulu umphakathi, iyazi ukuthi abagibeli bathwele kanzima ngoba abanyuselwa amaholo. Yingakho iyinyusa kanye imali yokugibela amatekisi,” kusho uMakhunga.
Uveze ukuthi ngisho uphethroli unganyuka izikhawu eziningi, kunyuke imali-mboleko, kubuye kwehle amandla emali kodwa abemboni yamatekisi imali bayinyusa kanye ngonyaka.
Ngonyaka owedlule yanyuka kabili imali yokugibela amatekisi eThekwini, ngoJulayi nangoDisemba.
Lokhu kwenzeka emuva kokuthi le mboni iveze ukuthi kusukela kwabheduka iCovid-19, okwaholela ekutheni kube nomvalelandlini, ayiyikhuphulanga imali yokugibela amatekisi.
Le mboni yaveza ukuthi ukungayikhuphuli imali kwakuwukuqonda isimo esinzima abantu ababebhekene naso, abanye bephelelwe imisebenzi.
UMakhunga uthe ukuthi izonyuka ngamalini imali yokugibela leso yisinqumo esizothathwa usoseshini ngoba izokwehluka phakathi kwamatekisi ahamba amabanga amade namafishane.
ISantaco ithe imboni yamatekisi iseyiyona kuphela eshibhile okanye ebiza kancane futhi eyethembekile uma kuza kwezokuthuthwa komphakathi.