IYA ngokujiya impi yezomthetho ephakathi kukamengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa kanye nowayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, njengoba beqhubeka nokuthumelana izincwadi zabameli.
Lempi iqale emva kokuthi uZuma enqume ukuzishushisela mathupha uRamaphosa.
Ukushushiswa kukaRamaphosa kumayelana necala lapho khona uZuma ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo kanye nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, kanye nentatheli yeziko lezindaba elibhala ngesilungu.
Kulelicala uZuma usola uDowner kanye nentatheli ngokuputshuza ulwazi oluyimfihlo olumayelana nempilo yakhe.
UZuma usola uRamaphosa ngokuba ingxenye yabaphula umthetho kuleli cala.
NgoLwesihlanu, uZuma uthumele uRamaphosa amasamanisi ambizela enkantolo.
Lamasamanisi athunyelwe ngosuku okuqale ngalo ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eqhubeka eGoli.
Encwadini yabameli, uRamaphosa uthe lamasamanisi ayizamo yokuphazamisa umkhankaso wakhe wokuthola ihlandla lesibili lokuhola i-ANC.
Unqumele uZuma ugwayi katiki ukuba ahoxise lamasamanisi lingakashoni elakusasa.