IVALIWE imicimbi yokujabulela ukuqeda ukubhala u-matric KwaZulu-Natal. UMnyango wezeMfundo esifundazweni uzobhalela zonke izikole ukuthi zingayenzi le micimbi.
Lokhu kuvezwe nguDkt Ray Penniston, obhekele izivivinyo emnyangweni wesifundazwe, esithangamini nabezindaba izolo eNanda Seminary, ngokulungela kwesifundazwe ukubhalisa izivivinyo.
UMnyango uveza lokhu nje ne-IFP ihlabe ikhwelo lokuthi uNgqongqoshe woMnyango uNkk Mbali Frazer, avale thaqa imicimbi.UPenniston uthe inhloko yomnyango izobhalela zonke izikole zivale imicimbi.
“Kukhona okuzokwenziwa ngumnyango, njengokuthi kuzobhalelwa zonke izikole zixwayiswa ngokuthi zingayenzi le micimbi kulabo abaqeda ukubhala.”
Okhulumela i-IFP kwezeMfundo, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, ukhale ngokuthi minyaka yonke kuba nemicimbi eyenzeka ezindaweni eziningi ezehlukene zobumnandi.
Uthe imicimbi yalolu hlobo kumele ivalwe unomphela njengoba zanda nezehlakalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Kule micimbi kuphuzwa utshwala nezidakamizwa, bese kuba nabagcina sebehlukumezeka. Intsha igcina isiphenduka abagilwa bokushushumbiswa. Sinxusa abafundi ukuthi babeke eqhulwini ukuphepha kwabo ngalesi sikhathi.”
Njengoba izivivinyo zikamatric ziqale ngephepha lekhompyutha izolo, uNkk Frazer uthe kube nemihlangano ne-Eskom ngodaba lokungacinywa kukagesi ngalesi sikhathi.
Uthe noNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga, ube nochungechunge lwemihlangano ne-Eskom ngendaba kagesi.
UPenniston uthe kwezinye izikole akhona ama-generator azosiza uma kubhalwa amaphepha afana ne-IT neComputer.
Okhulumela uMnyango kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abafundi abaphazamisekile ngesikhathi bebhala amaphepha bazonikwa elinye ithuba lokubhala.Uthe bayazi ngezingqinamba ezibhekene nabafundi ngalesi sikhathi sezivivinyo.
“Siyaqhubeka nokuxoxa ne-Eskom ngenkinga kagesi. Siyalele iminyango yezifundazwe ukuthi yenze ezinye izinhlelo zokuthi kubhekelwe ngogesi. Uma imali ikhona izikole zithenge ama-generator. Lokhu sikwenza ngoba singafuni kube nokuphazamiseka kwezivinyo.”