UTHOLAKALE izolo ekuseni eseshonile umfana oneminyaka emine waseRookdale, eBergville, obekubikwe ukuthi udukile.
Isidumbu sika-Asimdumise Phungwayo sitholakale ngo-6:30 ekuseni osebeni lwedamu, iWoodstock, eliseduze nomuzi wakubo.
Umndeni wakhe uthi ubengacwiyiwe futhi engenamanxeba okugwazwa noma awokudutshulwa kodwa kukhona ukuthinteka ekhanda.
Kuthiwa isidumbu sakhe sitholakale sibhekiswe phansi okwenza umndeni usole ukuthi kukhona obemntshontshile wase emphonsa edamini esembulele.
U-Asimdumise unyamalale kubo ngeSonto ngo-5:30 ntambama njengoba etholakale eseshonile.
Umndeni usola isandla somuntu ekufeni kwakhe njengoba uthi kungenzeka ukuthi uqale wabulawa ndawana thize wase ezophonswa kuleli damu.
Kuthiwa unina kamufi uvele wakhihla isililo ngesikhathi ebizelwa kule ndawo okutholakale khona indodana yakhe.
UMnuz Khaya Mavundla, ongumalume ka-Asimdumise, uthe bavuke ngezindaba ezimbi izolo ekubeni bebesenethemba lokuthi umntwana uzotholakala ephila.
“Umntwana ubulewe yilo muntu obekade emntshontshile, wamphonsa emanzini ngoba namanzi abekade edungekile lapho etholakale khona. Sizolinda umbiko kadokotela ohlola isidumbu ozosicacisela ngembangela yokushona kwakhe. Sesamukele siwumndeni ukuthi akasekho emhlabeni umntwana,” kusho uMavundla.
Kuthiwa u-Asimdumise wanyamalala kade egadwe umkhulu wakhe, amanye amalungu omndeni engekho. Kuthiwa waphuma endlini wayoma ngasesangweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, eliphenywa amaphoyisa aseBergville.