KULINDELEKE avele enkantolo namhlanje owesifazane oneminyaka engu-32 osolwa ngokweba ingane ezelwe yaseMamfene, eJozini.
Usana, obelulahleke kusukela ngo-Agasti 10 nonyaka, lutholwe ngamaphoyisa e-Ermelo, eMpumalanga, nalo wesifazane ongumsolwa.
Isolezwe NgoMgqibelo labika ngokuduka kwengane kaNksz Phumzile Gina (35) kade ephuma esibhedlela, ukuyobeletha. Kwavela ukuthi kwaba khona owesifazane owacela ukumphathela ingane ngesikhathi behlangana esitobhini.
Le ngane itholwe kulo wesifazane ongumsolwa, esezibiza ngonina.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa uboshwe esemtholampilo ehambise ingane. Kuthiwa kukhona ababike ukuthi umsolwa wayengakhulelwe kodwa usebonakala esenengane.
Ukusabalala kwemibiko yabezindaba kuthiwa yikho okulekelelile njengoba efike emtholampilo engenayo incwadi yomgomo, kwathi uma ephonswa imibuzo, wahluleka ukuphendula ngengane kwabe sekumshela. Unina wengane kuthiwa ukwazile ukuyichaza ingane nokusho izimpawu ezithize ezalwe nazo, amaphoyisa abe esebuya nengane yanikwa unina, izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe: “Owesifazane oneminyaka engu-32 uzovela enkantolo Ubombo kusasa (namhlanje), uzobhekana necala lokuthumba. Amaphoyisa alesi sifundazwe athole ulwazi ngokuthi ingane eyantshontshwa eJozini iseMpumalanga. Amaphoyisa alandele lolo lwazi athola umsolwa nengane emtholampilo wase-Ermelo lapho ebezama khona ukuthola incwadi yokugoma ingane. Ingane ithathiwe yanikezwa unina,” kusho uCapt Gwala.