UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, usethembise ukuthi uMgcinimafa uzoyisukumela eyezingqinamba zemali ezibhekene noMnyango weMfundo eyisiSekelo.
URamaphosa uthe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, kumele azibambe ziqine njengoba inkulu impi ebhekiswe kuyena yiminyango efuna imali ethe xaxa.
Usho lokhu nje uMnyango weMfundo eyisiSekelo, ubhekene nezingqinamba zokushodelwa yimali, okuzophoqa ukuthi kwezinye izifundazwe zingavalwa izikhala zothisha.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, ukuvezile ukuthi uzohlangana noGodongwana, ayohlwaya uxhaso ngoba babhekene nengwadla.
“UNgqongqoshe uNksz Gwarube, uyivezile eyezinselelo ezibhekene nomnyango, wathi uzoya nakuGodongwana ayofuna uxhaso. Siyazi uMgcinimafa uzoyisukumela eyezinselelo ezibhekene nomnyango ngoba imfundo sisayibeke phambili. Kumele wesekwe umsebenzi owenziwa ngothisha ezikoleni,” kusho uRamaphosa ekhuluma emcimbini wokuhlonipha othisha abenze kahle eBoksburg ngempelasonto.
Njengoba bekugujwa nosuku lothisha emhlabeni wonke, uhloniphe iqhaza labo ekubumbeni isizwe.
URamaphosa ubuye wehlisa amaphaphu emkhakheni wezemfundo ngokuthi kukhona ukungqubuzana kuhulumeni wokubambisana ngenxa yokusayinwa komthetho wezikole okunemvunge ngawo, iBela muva nje.
Uthe njengoba amisa ukuqala ukusebenza kwezigatshana ezimbili kulo mthetho, ezinye zazo ziyasebenza.
“Umthetho uqalile ukusebenza kumanje nakuba simise izinyanga ezintathu ukuqalisa ukusebenza kwalezi zigatshana ezimbili. Akukho ukungqubuzana kwiKhabhinethi ngenxa yalo mthetho,” kusho uRamaphosa.
Uthe lo mthetho uzoqinisa imigomo kwezemfundo wathi yingakho beqhubeka nawo.
“Nginxusa abantu ukuthi baweseke lo mthetho ukuze abafundi bathole imfundo esezingeni. Ezinye zezinto ezizokwenziwa ngumthetho ngukuqinisa amazinga aphansi emfundo, kuzoba nokulingana, abazali bazobamba iqhaza kuthi labo abaphula imigomo ebekiwe bajeze,” kusho uRamaphosa.
Ukhale ngezinga eliphezulu labafundi abangasiphothuli isikole ekubeni kufundwa mahhala.
Uthe othisha kumele babalandelele abafundi ukuthi bakuphi, benzani uma bengezi ezikoleni.
“Uthisha kumele alandelele umfundi osekuphele izinsuku elovile ukuthi ukuphi, wenzani. Uma kunesidingo aye nasekhaya ayombheka umfundi. Lokhu kungasiza kwehlise izinga labafundi abalaxaza isikole bengafikanga kwa-matric.”
Uveze ukuthi ngonyaka babalelwa ku-1.5 million abaqala isikole kodwa uhhafu kuphela ofinyelela kwa-matric.
Nekomiti lezemfundo ePhalamende lizwakalise ukukhathazeka ngokuthi abafundi abaningi abafiki kwa-matric.