IDOLOBHA iTheku lithi selikulungele ngokuphelele ukusingatha umcimbi womjaho wamahhasi omkhulu kuleli iHollywoodbets Durban July, laveza nokuthi lilindele inzuzo elinganiselwa ku-R650 million ngalo mcimbi ozoba seHollywoodbets Greyville Racecourse, eGreyville, eThekwini ngoMgqibelo.
Lokho kuhlaluke esithangamini sabezindaba ebesenziwe emgwaqweni uFlorida eThekwini, lapho uSihlalo woPhiko lokuThuthukisa uMnotho eThekwini, uMnuz Thembo Ntuli eqinisekise khona ukuthi akusekho okuzophazamisa lo mcimbi ozobe wenziwa okwesi-128 nonyaka, nokungokwesithathu wengwanyelwe yiHollywoodbets.
UNtuli uthe balindele amaphanta angaphezu kuka-45 000 ukuzobhejela imijaho yosuku, nabantu abangaphezu kuka-20 000 abazobe behambele umcimbi.
“Ilinganiselwa ku-R271 million imali ezosetshenziwa emcimbini, kanti konke okuzobe kwenziwa kuzosiza ukwakha amathuba omsebenzi angaphezu kwa-5 000, sihlele u-78% wezindawo zokulala,” kusho uNtuli.
Uthe nezokuphepha zizobe ziqinile njengoba abakwasidlodlo bazobe bekanise idolobha lonke ukuqinisekisa ezokuphepha nokuthi kube lula ukusabela uma kukhona lapho bedingeka khona.
Uveze nokuthi kusukela ngoLwesihlanu ngo-11 ebusuku kuzovalwa imigwaqo okubalwa kuyo uMitchell Crescent/Sixth Avenue, Clarence Road/Sixth Avenue, Mitchell Crescent/Fifth Avenue, Clarence Road/Fifth Avenue noDLI Avenue/Avondale Road ukuze kugwemeke isiminyaminya kwabeza emcimbini.
Ohlangothini lwezemfashini, kuzobe kukhona abasiki bengqephu abayisishiyagalolunye abaqokwe yiHollywoodbets ukuzokhangisa ngemisiko eyahlukene ehambisana nendikimba yosuku ethi Ride The Wave.
Labo basiki bengqephu woLerato Mathobela, Zadani Bhengu, Mphumeleli Mkomonde, Sbonelo Gcumisa, Amahle Blose, Nomfundo Nxumalo, Lwandle Khulu, Nobuhle Mnguni noPhumzile Ndlovu.
“Siyakuqinisekisa ukuthi abantu abazohambela umcimbi bazojabula futhi ngeke basikhalele isikhathi sabo. Senze konke okusemandleni ukwenza umcimbi ube sezingeni eliwufanele,” usho kanje.
Kwabathanda ubumnandi, bazojatshuliswa yimicimbi yobumnandi eyahlukene ezoqhubeka impelasonto yonke okubalwa iFact Durban Rocks, Any Given Sunday, Anywhere in the City, eKasi Durban July, Mojo’s July Weekend, EThekwini Jazz Jam, Artizen Durban July neWhite Party Lifestyle Excursion ukukha phezulu.