ISIFO sohlangothi yisona esibe yimbangela yokudlula emhlabeni kwenkosi yomculo wesikhalanga, uDkt Thulani Manana (56).
Lokhu kudalulwe yindodana yakhe, uMnuz Trevor Manana, ngesikhathi ikhuluma neSolezwe ngezindaba zokudlula emhlabeni kwale ngwazi eyenze umculo weZayoni wachuma.
UManana uveze ukuthi uyise ubekade eseMtubatuba eye komunye umngcwabo, kwathi ngemuva kwezinsuku ezimbili engakaphindeli ekhaya e-Ermelo, eMpumalanga, wadluliselwa esibhedlela saseNgwelezane.
"Kusiphathe kabi kakhulu ukushiywa ngubaba emhlabeni. Uhlaselwe yisifo sohlangothi wase eyasishiya,'' esho.
Uthe bagqemeke udume lwengozi ngokulahleka kukayise. Umncomile ngendima ayiklamile ekuqinisekiseni ukuthi uyachuma umculo weZayoni.
Uthe kuyise bekuhlale njalo kuseqhulwini ukubaluleka kokufukulwa komculo weZayoni.
Uchaze uyise njengendoda ebikholelwa kakhulu emkhulekweni.
"Ubaba ubewazisa kakhulu umkhuleko. Ubekholwa ukuthi uma nje esethandazile konke kusuke sekuqondile,'' usho kanje.
Ubekhuluma neSolezwe enza amalungiselelo okuthi kuthathwe isidumbu sibuyiselwe e-Ermelo okuyilapho azofihlelwa khona.
Umethulele isigqoko ngokuthatha umculo waseZayoni awusabalalisele eSwatini naseBotswana.
UMfu Thulani Gwala ongusihlalo wenhlangano yamaZayoni, iHlangana Zayoni uthe uwile umuthi omkhulu.
Uncome iqhaza likaManana ekuqinisekiseni ukuthi uyathuthukiswa umculo weZayoni kuzona zonke izifundazwe.
Ukuvelela kukaManana emculweni kumenze wagcina esezuza izindondo ezahlukene eminxenei eyahlukene. Wathola nendondo kumaSama Awards.
Uke wahlabana ngendondo yeBest AmaZion Music kumaCrown Gospel.
Kumncintiswano iMpumalanga Awards wazuza izindondo kwiBest siKhalanga, Best African Mucic nakwiBest Composer.
Waqala ukuduma kakhulu nge-album yakhe eyayisihloko sithi Imali yomntwana.'
Wayekade eyenze ngokubambisana noMbhishobhi Sipho Mnyembe ongasekho emhlabeni.
Belidume kakhulu iqembu lakhe Abanikazi Bomkhalanga. UMfu Bheki Dlamini obeyilungu leqembu uthe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukaManana.
Umchaze njengomuntu obenokuthula, ewazisa umculo weZayoni. UManana wake wakhipha i-album esihloko sithi Udlalelani ngom’Zayoni ezama ukukhuza abadicilela phansi isithunzi saleli bandla.
UMfu Vusi Gama ongomunye wezingwazi zomculo waseZayoni naye uthumele amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaManana. Uthe kulotshiwe emlandweni ukuthi umufi waba ngowokuqala ukuqopha i-album egcwele yomculo wesikhalanga.
Uthe kuningi okuhle okungafundwa ngabantu mayelana nendlela uManana abewuthanda ngayo umsebenzi wakhe wokucula.
Phakathi kwabaculi aseke acula nabo uManana kubalwa uThokozani Langa, uBonakele noLundi naye ongasekho emhlabeni.
UManana ubephinde abe nguMfundisi ebandleni lamaZayoni, iPhillip Apostolic Catholic Church yaseThembisa.
Ikhwaya yeZayoni yaseTshwane University of Technology (TUT) ubeyicija ngomculo.
Ushiye emhlabeni abantwana bakhe abayisikhombisa. Umndeni uthe usazolumemezela usuku lokufihlwa kwakhe.