UNQOTSHWE yintatheli yeSolezwe uFanelesibonge Bengu umncintiswano iSpirit of Amarok Media Challenge obuseGeluksfontein Private Game eMpumalanga ngoLwesithathu.
UFanele, nozakwabo uSibonelo Myeni owethula ingosi yezezimoto kuKhozi FM, badle umhlanganiso beqhathwe nabanye bezindaba abangu-14 bamaziko ahlukene eNingizimu Afrika.
Lo mncintiswano waqalwa ngowayengumpetha wezimoto zomjaho uSarel van der Merwe ngo-2004.
Wasungulwa ngenhloso yokuthi abantu bathole ithuba lokuvivinya amava abo okushayela ama-4x4. Ngesikhathi kwethulwa iVW Amarok eNingizimu Afrika ngo-2010, ibe ngabaxhasi bayo kwase kusetshenziswa yona.
Kulokhu bekusetshenziswa ama-Amarok ango-3.0 litre V6 anamandla angu-190kW netorque engu-580Nm.
Ngonyaka odlule awubanga khona ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCoronavirus.
Emncintiswaneni, uSarel uhlela izingqinamba ezahlukene ukuvivinya ubuchule bokushayela ama-4x4. Kukhona isigaba sokuchusha emapalini ube uqwala intaba ukalelwe isikhathi nokuthi uma uthinte ipali ulahlekelwe ngamaphuzu. Uma uqede ngokushesha noma sekwedlule isikhathi ulahlekelwa ngamaphuzu.
Ngaphandle kokuchusha emapalini uqwala izintaba ematsheni nasesihlabathini, bekuphinde kuncintiswane ngokushayela uhlehla uchutha emapalini, ukushayela ngesivinini obhuqwini, ukushayela ngesivinini nincintisana nezinye izimoto nokunye.
Emuva kwemizuliswano engu-13 ethathe usuku lonke, kuthe sekuhlanganiswa amaphuzu kwaphuma phambili uFanele noSibonelo.
Ngonyaka ozayo kulindeleke ukuthi bayovikela isicoco sabo.