IHLOKOLOZE isidleke samalakazane iMeya yaseMpofana, eMooi River uMnuz Xolani Duma esabalalise i-video yayo imemezela ukuthi kunomuntu ohaqwe yiCorona endaweni.
UDuma ubonakale kwi-video (Isolezwe ngeSonto elinayo), ekhuluma ethi kunomuntu ohaqekile futhi useke wahlangana nabantu abangu-23 endaweni. Kule video uDuma uqeqebula isiNgisi kanti kwenye ushaya IsiZulu, lapho enxenxa abantu ukuba bahlale ezindlini balandele imigomo ngoba iCorona isikhona endaweni. Ugqoke ijakhethi ye-ANC emnyama ukhuluma ngokukhulu ukuzethemba.
Lokhu kucasule ngisho izikhulu zikahulumeni waKwaZulu-Natal, zithi imeya ayinalo igunya lokukhipha izibalo zabahaqekile kodwa wuMnyango wezeMpilo kuphela onegunya lokumemezela lokho. Zimgxeke ziphindelela izikhulu uDuma, zadonsa ngendlebe nabanye ukuthi bangazifaki enkingeni ngalokhu.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe noma ngabe kubhekwene nasiphi isifo kodwa amalungelo abantu ngeke abukelwe phansi.
"Amakhansela abeqophe amaphimbo awo nama-video ekhuluma indaba yokuthi kunesiguli esineCorona. Yicala elibomvu lelo izibalo akuyona into ekhishwa wunoba ngubani,’’ kuxwayisa uNkk Simelane-Zulu.
Kuze kwangenelela noNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala kulolu daba exwayisa ngokuthi okwenziwe yimeya akuvumelekile.
UDuma eziphendulela exoxa nesiteshi sethelevishini i-eNCA uthe ubezama ukuxwayisa abantu ubengaqondile ukwephula umthetho. Uthe ubehlose ukugcizelela kubantu ukuthi balandele imigomo yokuvikela iCorona.
Leli phephandaba libuye lahabula ukuthi amaphoyisa ake avakashela uDuma ezocela isitatimende kuyena kanti kuthiwa uDuma uphansi phezulu nabameli bakhe uzama ukulungisa umonakalo.
Imizamo yokuthola imeya ayiphumelelanga inombolo yayo yocingo ibingangeni nomyalezo ashiyelwe wona akawuphendulanga.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidu ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokwephulwa kwemigomo yokuvalwa kwezwe.
"Icala liphenywa ngamaphoyisa aseMooi River emuva kokuthi umsolwa owaziwayo enekele izwe imininingwane ngeCorona ekhuluma ngesiguli esisesigodini ePhumlas. Akekho umuntu osaboshiwe nophenyo lusaqhubeka,’’ kusho uNaidu
UDuma usenkingeni nje ulandela abanye abaphethe izikhundla eziqavile njengeMeya yaseNkandla uMnuz Thamsanqa Ntuli ohamba inkantolo emuva kokuboshwa. UNtuli walandelwa yikhansela le-ANC khona eNkandla, elisolwa ngokukhipha izimvume. Phambilini kuhlawuliswe noNgqongqoshe wezokuXhumana uNkk Stella Ndabeni-Abrahams owavakashela emzini kaMnuz Mduduzi Manana oyilungu le-ANC eliqavile.