IBHEKENE nengwadla imiphakathi eyakhele iTheku namaphethelo ngenxa yokungabibikho kwamanzi nokungathunyelwa kwamaloli awathwalayo.
Isolezwe lithole ukuthi kusukela ngo-2022, imiphakathi eyahlukene eThekwini ikhala ngenkinga yamanzi ikakhulukazi leyo esenyakatho yeTheku.
Abantu bakhala ngokuthi uMasipala weTheku awuzikhiphi izaziso zokuthi azophela nezizathu zokuphela kwawo, bavele babone ngawo engasaphumi kompompi babo. Uma beshayela ucingo kwamasipala izingcingo azibanjwa, u-WhatsApp awuphendulwa, ngisho ezinkundleni zokuxhumana umasipala awuchazi.
Uma amanzi engekho abantu bathi abakwazi ukuphuza amanzi ahlanzekile, abakwazi ukugeza, ukusebenzisa izindlu zangasese, ukupheka, ukuwasha nokunye okuningi.
UNksz Bayo Smamane waku-ward-56, eNewtown A, eNanda, uthe sebehlale isikhathi eside bengenawo amanzi.
“Emuva kwezikhukhula zika-2022, amanzi awaphindanga aphuma kompompi. Izindlu zangasese asikwazi ukuzisebenzisa, asikwazi ukupheka, ukuwasha nokuphuza amanzi ahlanzekile. Sisizwa ukujaha amaloli amanzi afika uma ethanda,” kusho uNksz Smamane.
Uthe akekho umuntu obachazelayo ukuthi kwenzekani ngenkinga ababhekene nayo.
Uthe isimo siya ngokushuba ngoba namaloli athwala amanzi awasafiki endaweni.
“Okubuhlungu ukuthi nesikole iPhumuzuzulu Primary sibhekene nenkinga efanayo, izingane zize zikhishwe kungakashayi isikhathi sokuphuma. Abadla imishanguzo abakwazi ukuyiphuza,” ubeke kanje.
ENanda namaphethelo umphakathi uze wabhikisha kuleli sonto, ufuna amanzi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Syabonga Ntombela, lithe ukuhamba kwamanzi kubangelwa ukulimala kwengqalasizinda eyaguguleka ngesikhathi sezikhukhula.
Khonamanjalo: KwaSanti, Klaarwater, Savannah Park naseShallcross, amanzi ahamba phakathi neviki abuye ngempelasonto.
“Amanzi asehamba ngoLwesine aze abuye ngeSonto. Uma engaphelanga ngalezi zinsuku, siye sibone ngawo ephela ngo-7 ebusuku aze abuye ngo-8 ekuseni. Sesiyazi ukuthi ayavalwa ebusuku kodwa uma sibuza kuMasipala weTheku kuthiwa asuke engavaliwe kodwa izinqolobane eziwagcinayo zisuke zisagcwaliswa. Okubuhlungu wukuthi umasipala usazithumela izincwadi ezifuna abantu bakhokhele amanzi,” kusho isakhamuzi.
EDassenhoek naseThornwood nakwezinye izindawo zaseMariannhill, nakhona kukhalwa esifanayo njengoba amanzi ephela noma kunini, asikho isimemezelo esikhishwayo kodwa abantu babona ngawo esephelile.
KwaMashu sekuphele izinyanga ezintathu amanzi ephuma ngezinsuku ezithile.
ENtuzuma aphuma izinsuku ezintathu ngesonto. Kulezo zinsuku kuba amahora ambalwa, ebusuku nangezimpelasonto awaphumi.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku, uthe kuyiqiniso ukuthi iNanda Newtown ngenye yezindawo eziphazamisekile njengoba kusalungiswa isikhungo samanzi iNtuzuma 2 Pumpstation.
“Akusilo iqiniso ukuthi sekuphele iminyaka emibili abantu bengenawo amanzi kodwa amanzi ayafika abuye aphele. Ziningi izinhlelo ezenziwa wumasipala zokusiza abantu okubalwa ukufakwa kwamathangi ezindaweni ezingenamanzi. Uyaqhubeka umsebenzi wokuthuthukisa ingqalasizinda eNtuzuma 2 Pumpstation. Kulindeleke ukuthi uphele ngo-2025,” kuchaza uNkk Sisilana.
Uveze ukuthi ukuncishiswa kwamanzi kwenzelwa ukuthi kugcwale izinqolobane zamanzi, ukuze wonke umuntu athole amanzi ngokulinganayo.
INtuzuma Pumpstation 2 iphakela izikhungo zamanzi ezihlukene okubalwa iNtuzuma Reservoirs 3, 4, 5, ne 7.
Izindawo ezithintekayo yiNanda namaphethelo, iNtuzuma namaphethelo neRichmond Farm.
Ubuye wafaka isitatimende seMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, lapho ithembise abantu baseThekwini ukuthi iyalusukumela udaba lwamanzi futhi isixazululo sizotholakala maduze.
Ithe uyaqhubeka umsebenzi wokuthuthukiswa kwengqalasizinda yamanzi enyakatho yeTheku, eningizimu nasentshonalanga yeTheku.