UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, usukhiphe isixwayiso mayelana nezimvula nokuduma kwezulu okungase kuhlasele isifundazwe.
UNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Sipho Hlomuka esitatimendeni esikhishwe izolo, uthe sebekhiphe amathimba abhekene nezinhlekelele ukuhlomela lesi simo.
Uthe bathole ngabezimo zezulu, iSouth African Weather Service, ukuthi kungase kuhlasele izikhukhula nokuduma kwezulu ezingxenyeni eziningi zesifundazweni. Unxuse umphakathi ukuthi uhlezi uqaphile ngoba lezi zikhukhula nokuduma kungahlasela noma yinini.
“Sinethemba lokuthi amathimba ethu azokwazi ukunikeza zonke izinsiza kulabo abazodinga usizo,” kusho uHlomuka.
Uxwayise nabashayeli bezimoto ukuthi baqaphele emgwaqweni.
“Isifundazwe sethu sisanda kulahlekelwa ngabantu ngenxa yokuhlaselwa umphezulu nezimvula ezinamandla. Sinxusa abahamba ngezinyawo ukuthi bangaweli emabhulohweni okungenzeka athinteke uma kuhlasela izikhukhula. Labo abanemfuyo sicela baqinisekile ukuthi ivikelekile uma kwenzeka kuhlasela umphezulu.”
Kwenzeka lokhu nje ngenyanga edlule kushone abantu abane ngenxa yokushaywa wumphezulu esifundeni uMkhanyakude, eMzinyathi naseHarry Gwala. Kulesi sigameko kwashona nabafundi ababili ezindaweni ezahlukene.